EzintshaOrlando Pirates

OweMetro FM udalula izimo i-Orlando Pirates ebhekane nazo eCongo

I-Orlando Pirates ihlulwe ngo 3-0 yiSt Eloi Lupopo eDR Congo ngeSonto emdlalweni womlenze wokuqala weCaf Champions League. 

UMolefe – owethula uhlelo lwantambama kuMetro FM – uthi ibingekho indlela i-Orlando Pirates ebingathola umphumela omuhle kulo mdlalo ngenxa yezimo ebhekane nazo.

“Anginandaba nokuthi unesiphiwo esingakanani, uma izimo zingakuvumeli ukuthi ukhombise ikhono lakho, ngeke wenze into esile.

“Ngeke mina ngithi iPirates ihluliwe – cha, cha, cha. Ayizange ihlulwe,” kusho uTouch kuleli sonto ohlelweni lwakhe iTouch Down

“Ake sithi ngokwesibonelo uyangithatha ungifake esiteshini esisezingeni eliphansi, esinezinsiza zokusakaza ezibhedayo. Ngeke ngizwakale kahle kanje.

“Manje, udlala kanjani… Ngenze ucwaningo lwami, futhi ithimba lami yilo elingitshele lokhu. Baxwayiswe ngokuthi kukhona amabhomu agqitshwayo enkundleni.

“Udlala kanjani ke wazi ukuthi ungase uqhumise lawo mabhomu? Manje wonke umuntu uhamba ehefuza ethi iPirates ihluliwe.

“Lapho besehhotela labo, abakutholanga ukudla kwabo okujwayelekile nokufanele. Ungoti wezokudla ubaxwayise ngokuthi kuzomele bayodlala bengadlile. 

“Isimo sezulu naso besisibi, futhi njengoba kwenziwe ngeCape Town Marathon, umdlalo nawo bekumele umiswe. 

“Izimo zezulu bezingabavumeli abafana bethu ukuthi babonise amakhono abo,” kwengeza uTouch.

Uphinde waveza ukuthi uthumelele umengameli weCaf uPatrice Motsepe umyalezo ngalesi simo ngemuva kokuthi ezwe kahle ngokwenzekile. 

“Ngimthumelele umlayezo ngathi, ‘bheka, angikuceli ukuthi ube ngomele – ngoba wonke umuntu waseNingizimu Afrika kufanele alimele kahle izwe’. 

“Ngithe, ‘Engikucelayo kuwe nje ukuthi uhloniphe ihhovisi lakho. Okwenzeke kwi-Orlando Pirates kuyichilo ebelingafanele. Abakwazi ukudlala ngaphansi kwezimo ezinjeya’.

“Ngingumlandeli weChiefs futhi ngigubha usuku lokuzalwa lukasihlalo, kodwa nami ngingumuntu othanda izwe. Uma leli qembu laseDRC lifika kuleli, lizonakekelwa kahle.” 

IChiefs – nayo ebidlala eDR Congo ngempelsonto edlule – ibe nenkinga abadlali bayo abahlanu bexinwa yizisu ngendlela engaqondakali.