DStv PremiershipEzintsha

Omele uNurkovic uphika eyokuchithwa kwesigwebo seRoyal AM

  • Intatheli yeLisenethini

Lo mgadli neqembu laKwaZulu-Natal basanengxabano yenkontileka kusukela ngonyaka odlule lapho uNurkovic avunwa yiFifa odabeni lwakhe naleli qembu.

IRoyal AM yayalelwa ukuthi ikhokhele lo mgadli u-R12-million wemihlomulo noma ijeziswe.

Ngemuva kwesinqumo sabo sokungakhokhi, iFifa yabe seyihlawulisa iRoyal AM ngokuthi iyivimbe ukubhalisa abadlali.  

Ekhuluma emsakazweni iMetro FM ngasekuqaleni kwaleli sonto, uLeruma Thobejane uthe akusensukuzatshwala iCas ikhiphe isinqumo sokuthi sihoxiswe lesi sigwebo. 

Kodwa uDavoc Lazic utshele iSABC Sport ukuthi uThobejane uyazinhlanhlathela nje, ayikho le ayishoyo. 

“Iqiniso lokuthi ummeli weqembu uyaqhubeka nokuphawula esidlangalaleni mayelana nokulalelwa kwCas okuyimfihlo, ngokombono wami, akwamukelekile neze. 

“Emsebenzini wami, angisoze ngathatha indlela enjalo, ikakhulukazi ngokuxoxa esidlangalaleni ngemininingwane ebucayi ngoba lokhu kungalimaza isithunzi nesikhundla seqembu,” kuchaza uDavoc.

UNurkovic ubuyele kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini edlule wajoyina iTS Galaxy kanti uThobejane uthe ulindele ukuthi lo mdlali avuleleke ukuxoxisana ngohlelo lokukhokhelwa ukuze aqedele lolu daba.

Kodwa lo mgadli waseSerbia usalindele ukukhokhelwa ngokugcwele, uLazic enethemba lokuthi icala lisazovuna bona – noma nini lapho kuthathwa isinqumo.

“Isitatimende sikazakwethu sokuthi isinqumo seCas sizophuma zingakapheli izinsuku ezingu-45 kulalelwe icala asilungile. 

“Imvamisa, kuba nokuhlehliswa kaningi, futhi ngokuvamile kuthatha izinyanga ezimbalwa ukuya onyakeni ukuthola isinqumo esivela kwiCas,” kusho uDavoc.

“I-Cas iyisikhungo esibalulekile, futhi isinqumo ngasinye siba namazinga amaningi okubuyekezwa ngaphakathi kwiCas uqobo ngaphambi kokufinyelela emaqenjini athintekayo. 

“Ngakho-ke, kuvamile ukuba izinqumo zihlehliswe izikhathi eziningana, ikakhulukazi uma kuqhubeka imidlalo yama-Olympics lapho izisebenzi eziningi zenza eminye imisebenzi.” 

I-Royal AM iphinde yaphinde yathola esinye isigwebo sokuvinjwa ukusayina abadlali kulandela ukulahlwa yicala lokwephula isivumelwano sayo nomdlali wasemuva u-Ricardo Nascimento. 

Lokhu kusho ukuthi uma sezihlangene lezi zigwebo leli qembu kuzophela amawindi ayisithupha okuhwebelana ngabadlali engabhalisi umdlali omusha.