
UHugo Broos ucebisa iBafana Bafana ngogibe oluyingozi
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usenxuse abadlali bakhe ukuthi bahlale beqaphile naphezu kokwenza kahle emkhankasweni wabo wokuhlungela ukungena eNdebeni yoMhlaba ka-2026.
INingizimu Afrika inqobe ngo 2-0 ihlula iBenin ngoLwesibili eStade Félix Houphouët-Boigny e-Abidjan, e-Ivory Coast.
ULyle Foster noJayden Adams yibo bashaye amagoli abalulekile esiwombeni sesibili somdlalo odlalwe ngaphansi kwezimo zokushisa ezinzima.
Ngalokhu kunqoba, iBafana Bafana kaHugo Broos iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu angu-13.
Izinqobe imidlalo emine, yadlala ngokulingana kwemibili kweyisithupha kanti kusele emine manje.
Kule midlalo emine esele izobhekena neLesotho neNigeria ngoSepthemba, bese kuba yiZimbabwe neRwanda ngo-Okthoba.
Okuhle ke kwiBafana wukuthi yonke le midlalo esele izodlalelwa ekhaya, okuyibeka ethubeni elihle kakhulu lokuyinqoba.
Leli yithuba elikhulu lokuthi iBafana ingene eNdebeni yoMhlaba okokuqala kusukela yayiyisingethe ngo-2010.
UHugo Broos ukholwa ukuthi ukujula kweqembu kube ukhiye empumelelweni yabo.
Uncome ukungaguquguquki kwendlela iqembu elidlala ngayo yize abadlali beshintshile.
Kodwa-ke, usexwayise ngokuzithela ngabandayo okungase kungene uma kungaqashelwa kahle.
“Besidinga isikhathi sokwakha leli qembu. Lapho ngifika, kwakungelula ngonyaka wokuqala,” kusho uBroos.
“Sifune abadlali abalungile kuzo zonke izindawo futhi sagcina sibathola. Manje, sesineqembu eliqinile.”
Unxuse abadlali bakhe ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima, bangavumeli impumelelo yabo yakamuva ingene emakhanda abo.
“Kufanele sihlale sizethemba futhi singesabi noma yiliphi imqembu eliphambi kwethu. Kodwa kufanele sigweme amaphutha.
“Uma sihlala sigxilile, sisondele kakhulu ekungeneni eNdebeni yoMhlaba,” kwengeza lo mqeqeshi.
Njengoba inomgqigqo omuhle, iBafana Bafana ibukeka izimisele ngokubuyela eNdebeni yoMhlaba.
UHugo Broos nokho ukugwemile ukukhuluma ngodaba olusematheni ngeqembu lakhe okwamanje.
IBafana isengozini yokuphucwa amaphuzu ngemuva kokusebenzisa umdlali omisiwe ibhekene neLesotho ngempelasonto edlule.
