
IBafana Bafana igile izimanga yize ilengelwa yifu
Yize idlale kunefu elimnyama elilengela umkhankaso wayo kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba, iBafana Bafana iwenzile umsebenzi enkundleni.
IBafana Bafana ishaye iBenin ngo 2-0 e-Abidjan ngoLwesibili ebusuku ukuze iqinise indawo yayo esicongweni sikaGroup C.
Kumanje isizihola phambili ngamaphuzu amahlanu. Kodwa lokho kungase kujike uma itholwa inecala lokusebenzisa umdlali ongafanelekile emdlalweni wayo odlule.
Kuvele ukuthi iBafana Bafana bekungafanele isebenzise uTeboho Mokoena ngesikhathi inqoba kwiLesotho ngo 2-0 ngoLwesihlanu odlule.
Lo mdlali weMamelodi Sundowns ubenamakhadi amabili aphuzi okusho ukuthi bekumele ame umdlalo owodwa kanti bekumele aphuthelwe wumdlalo neLesotho.
Kodwa iphutha labaphathi – eliyinto elindelekile kubaphathi beSafa – libone uMokoena edlala imizuzu engu-82 yalo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
Futhi manje njengoba iLesotho, futhi mhlawumbe neNigeria, isifake isikhalo ngalokhu, sekulele kwiCaf neFifa ukuthi banqume ngalolu daba.
IBafana ingase ishaywe ngenhlawulo yemali, noma okubi nakakhulu kudonswe amaphuzu ngenxa yaleli cala elibi elenzile.
Nokho okubuyisa ithemba wuktuthi leli cala lifakwe sesidlulile isikhathi esibekelwe ukuthi amaqembu anezikhalazo aziveze ngaso.
Yize ibidlala naleli xhala, kodwa enkundleni ngoLwesibili ngobusuku obushisayo e-Ivory Coast, iBafana Bafana iphinde yadlala ngendlela umdlalo oncomekayo.
Amagoli kaLyle Foster noJayden Adams esiwombeni sesibili aqinisekise ukuthi iqembu likaHugo Broos libuya namaphuzu aphelele futhi ligcine indawo yalo phezulu.
Eminye imidlalo kaGroup C yonke iphele zibambene. INigeria ibanjwe ekhaya yiZimbabwe, kwathi iLesotho nayo yabamba iRwanda ekuhambeni.
- Imiphumela: Benin 0 South Africa 2; Nigeria 1 Zimbabwe 1; Rwanda 1 Lesotho 1
