Usebheke isiqalo esisha ogajwe yiPirates
- Intatheli yeLisenethini
UVincent Pule usekulungele ukushiya ngemuva izinkinga zakhe zokulimala njengoba ebheke ukubuyela eszingeni elimakhele igama ebholeni.
Lo mdlali wasesiswini uhlukane ne-Orlando Pirates kulandela ukuhlushwa ukulimala okumlahlekisele ngendawo yakhe eqenjini.
Nokho akahlalanga isikhathi eside engenalo iqembu elisha njengoba ephinde wahlangana nomqeqeshi uGavin Hunt kwiSuperSport United kulandela ukuhlala iminyaka eyisithupha kwiBucs.
UHunt noPule banqoba isicoco seMTN8, eseTelkom Knockout neseligi ngesikhathi bendawonye kwiBidvest Wits.
Lo mdlali oneminyaka engu-32 uthi usekulungele ukubuyela ezingeni lakhe kanti angase abonakale okokuqala kwiSuperSport uma seyibhekene nePirates emdlalweni we-MTN8 Cup e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha futhi ngihlangane nabantu engibaziyo ngesikhathi ngifika lapha ngakho sengibheke phambili kwisizini entsha.
“Ngikhangwe yisimo seqembu nabadlali abahle abanabo lapha nomqeqeshi,” kusho uPule.
“Ngike ngasebenza nomqeqeshi uGavin phambilini futhi ngizophinde ngisebenze naye lapha futhi ngijabule kakhulu ngalokho.
“Umqeqeshi uGavin usebenza kanzima futhi ungumuntu othanda ukuwina noma yikanjani futhi ngicabanga ukuthi njengabadlali kumqoka kakhulu ukungena kulowo mqondo ukuze sizokwazi ukuqhudelana ngakho konke.
“Yilokho esizokwenza kule sizini futhi sikubheke ngabomvu ukuncintisana kuyo yonke imiqhudelwano futhi ngethemba ukuthi sizowina indebe eyodwa noma ezimbili.”
UPule udlale imidlalo engu-11 kuyona yonke imiqhudelwano ngesizini edlule, ebanjezelwa ukulimala.
OLUNYE UDABA: Unqotshwe elase-Algeria owokusayina uMayo
“Ngithwale kanzima ngokulimala kodwa lapha kwiSuperSport ngiziqeqesha nsuku zonke sengathi ngineminyaka engu-20.”