
Kuvela abanamagama kwabazodedelwa kwi-Orlando Pirates
I-Orlando Pirates ihlela ukuqinisa isikwati sayo ngesizini ezayo, kanti lokhu kusho ukuthi kuzomele kukhululwe abadlali abambalwa ukuvula izikhala zabasha.
Futhi manje abadlali abane abanegama sebehlonzwe njengalabo okungenzeka bashiye i-Orlando Pirates ngoJuni uma izinkontileka zabo zamanje ziphela.
ILisenethini ike yabika ngesonto eledlule ukuthi uMiguel Timm ubukeka engase aphelelwe yindawo kuleli qembu futhi angase akhululwe.
Imibiko yakamuva seyengeze amanye amagama amane ohlwini lwabadlali abangase badedelwe uma kuphela le sizini.
I-SNL24 ibika ukuthi izingxoxo mayelana nokukhululwa koNdabayithethwa Ndlondlo, uZakhele Lepasa, u-Innocent Maela noKarim Kimvuidi seziqalile.
Laba abane balizwa ngendaba ijezi kule sizini. ULepasa usanda kululama ekulimaleni okumhlalise ngaphandle isikhathi eside futhi akakadlali kule sizini.
UMaela yena uvela amacozucozu eqenjini kanti sekungamasizini amathathu manje kwenzeka kanjalo yize engukaputeni weqembu.
Kodwa manje kubukeka sengathi uzogcina ekhululiwe ukuze afune iqembu elizomdlalisa njalo njengoba neminyaka ingasemihle kuye.
UNdlondlo noKimvuidi bona bayavela, babuye banyamalale eqenjini futhi badlale imidlalo embalwa lapha nalaphaya kodwa bahluleka wukuhlaba umxhwele.
“Engingakutshela khona manje wukuthi laba badlali abane kukholakala ukuthi yibona abazohamba,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ikilabhu isebenza nabo bonke abathintekayo ukuthola indlela eya phambili ukuze kufinyelelwe esinqumweni esinokuthula lapho kunesidingo khona.
“Kuze kube manje, labo ngabadlali abane engibaziyo abasohlwini futhi okulindeleke ukuthi bahambe ekupheleni kwesizini.”
Kubikwa ukuthi i-Orlando Pirates isivele iziqalile izingxoxo nabadlali efuna ukuqinisa ngabo ngesizini ezayo kanti ilinde kuphele lo mkhankaso wamanje ukuze yenze izimemezelo.
Kubikwa ukuthi seyivele iqedile ngomdlali osemncane othembisayo uKabelo Kgositsile odlala kwiBaroka FC, emsayine ngenkontileka yeminyaka emihlanu.
