EzintshaOrlando Pirates

Okwenze u-Ouaddou agiye aqephuze uMsendami eshaya igoli

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usechaze ukuthi kungani bekubalulekile ukuthi u-Daniel Msendami ashaye igoli.

UMsendami ushaye igoli lesithathu ngesikhathi iPirates ishaya iChippa United ngo-3-0 emdlalweni weBetway Premiership eKings Park Stadium eThekwini ngeSonto.

Lo mdlali odabuka eZimbabwe ungene esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili washaya igoli lesithathu lePirates.

Leli bekuyigoli lakhe lokuqala kusukela ejoyine iPirates ngoJanuwari esuka kwiMarumo Gallants.

U-Ouaddou ukholwa ukuthi leli goli limsize kakhulu ekukhuphuleni ukuzethemba.

“Bheka, ngicabanga ukuthi indlela iqembu lonke nethimba labaqeqeshi elibheke ngayo kuye ikhombisa ukuthi lo mfana uthandwa kangakanani,” kusho uOuaddou.

“Lo mfana unenhliziyo enkulu futhi uyalithanda iqembu. Kade ayefisa ukudlalela iPirates. 

“Ngiyazi ukuthi ukujoyina iqembu elikhulu njengaleli akulula kwesinye isikhathi.

“Kwesinye isikhathi kufanele ubekezele ngoba kunokuncintisana okukhulu, kodwa uyafika lapho.

“Uyabambelela, usebenze futhi sesiqala ukubona izithelo zomsebenzi wakhe manje.”

Ngenxa yalokhu, u-Abdeslam Ouaddou uthi ujabule kakhulu ngokuthi u-Daniel Msendami ugcine elishayile igoli emdlalweni osemthethweni.

“Ngijabule kakhulu ngegoli lakhe,” kuqhuba lo mqeqeshi. Libaluleke kakhulu ekunyuseni ukuzethemba kwakhe.

“Mina, bengilokhu ngimethemba ngoba ngiyamazi eqenjini ayedlala kulo phambilini futhi ngiyazi ukuthi yini angayiletha eqenjini.

“Unezimpawu ezehlukile kwabanye abadlali, kodwa ngiyaqiniseka ukuthi sizokwazi ukumsebenzisa emidlalweni ehlukene.”