
IPSL necebo lokubangula iva eliyiRoyal AM
IPremier Soccer League (PSL) isicubungula isinqumo sokuxosha iRoyal AM kuyo yonke into ethinta ibbhola ngaphansi kwayo.
Imithetho yeligi iyavumela ukumiswa noma ukwehliswa kweqembu uma kunezimo ezithile eziphoqayo.
I-SABC Sport ibika ukuthi isigungu esiphezulu sePSL sisezingxoxweni ezinqala ngalolu daba.
Kuthiwa icubungula umthetho uSection-57.13, ozokwenza ukuthi isizini ka-2024/25 iqhubeke namaqembu angu-15 kuphela.
Lokhu kulandela ukungaqiniseki ngekusasa leRoyal AM. Le kilabhu ephethwe nguShauwn Mkhize ingaphansi komqaphi wemali oqokwe yiSARS.
I-PSL iyihlehlise unomphela imidlalo yayo, yabeka isizathu asikho isiqiniseko sokuthi izokwazi ukukhona izindleko zemidlalo.
IRoyal AM yagcina ukudlala ngoDisemba 29, ngesikhathi ihlulwa ngo 3-0 ishaywa yiTS Galaxy.
Leli qembu belisembangweni wezomthetho nabakwaSARS mayelana nesikweletu sentela sika-R40 million.
Udaba luthinte ukukhokhelwa kwamaholo abadlali nezisebenzi. Kukholakala ukuthi abadlali baphinde bayeka ukuzilolonga.
Isicelo sakamuva senkantolo seRoyal AM sokuphoqa iPSL neSARS ukuthi ibavumele badlale sichithiwe.
Iqembu lihlezi ekugcineni kwilogi yeBetway Premiership ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni engu-11.
Umdlalo walo weNedbank Cup neMilford FC nawo wagcina ungadlalwanga futhi akucaci kuzokwenzekalani.
Isimemezelo esisemthethweni mayelana nokuxoshwa okungenzeka kweRoyal AM silindeleke maduze.
