
UCardoso ubhoboke ngokumcike wabhodlela kwiPirates
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, udalule isigameko esimcikile esenzeke ngaphambi komdlalo wangempelasonto edlule.
UCardoso uthi ubengeneme ngesikhathi sombukiso wendebe yeFifa Club World Cup owenzeke ngoLwesihlanu, umdlalo ungoMgqibelo.
ISundowns beyinomdlalo omkhulu njengoba beyibhekene nezimbangi zayo ezinkulu endebeni yeBetway Premiership, i-Orlando Pirates.
Lo mcimbi ubuseChloorkop ngoLwesihlanu, futhi oholwa ngusihlalo weqembu uTlhopi Motsepe.
ISundowns ibilethelwe le ndebe ngaphambi komqhudelwano ozoba se-USA kusukela mhla ngoJuni 14 kuya kuJulayi 13.
Yize enqobe ngo 4-1 kuPirates, uCardoso uveze ukucikeka kwakhe ngaphambi komdlalo.
Uthi ubebona lo mcimbi uphazamisa iqembu lakhe emalungiselelweni alo.
“Ngikholwe, bengicasuke kakhulu,” kusho yena kwabezindaba. “Sichithe usuku sicabangana ngeClub World Cup esikhundleni sePirates.”
UCardoso ukubeke kwacaca ukuthi yena uhlezi egxile kakhulu emdlalweni olandelayo.
“Angicabangi kwanangeChampions League. Angicabangi nhlobo ngeClub World Cup,” kuqhuba uCardoso.
Uvumile ukuthi kudingeke asilawule lesi simo. Nokho, wagcizelela ukubaluleka kokuzilungiselela nsuku zonke.
“Usuku ngalunye lubalulekile. Namuhla siyahlaziya, kusasa siyaziqeqesha, bese siyakhula sibe ngcono,” wanezela.
Ukuwina kweSundowns naphezu kwalokhu kuphazamiseka kubonise amandla eSundowns.
Kodwa uCardoso usagxile entweni eyodwa manje, ukunqoba umdlalo olandelayo.
Futhi lowo mdlalo bazone bebhekene neqembu elithanda ukuba yinkinga kuyo, i-TS Galaxy ngoLwesibili ebusuku.
