Betway PremEzintsha

UHlungwani uhlonza abagweme amakhadi abomvu ngenhlanhla

Owayengunompempe wePSL u-Victor Hlungwani usebalule abadlali abathathu akholwa wukuthi babenenhlanhla yokungakhishwa ngamakhadi abomvu.

UHlungwani uthi uThandolwenkosi Ngwenya, uBennett Mokoena noZitha Kwinika bekufanele bakhishwe enkundleni ngenxa yokudlala okuyingozi.

Ukholwa ukuthi ukungabi bikho kohlelo lokusiza onompempe ngokubuyekeza izigameko ngevidiyo (VAR) kube nomthelela ekutheni laba badlali bagweme amakhadi abomvu.

UNgwenya uube sesigamekweni esisuse impikiswano ngesikhathi AmaZulu edlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates eKings Park Stadium.

Lo mgadli waMaZulu ugxobe uSihle Nduli ngendlela eyingozi osekuholele ekutheni lo mdlali wePirates angadlali izinyanga ezine.

Unompempe uLuxolo Badi wanikeza uNgwenya ikhadi eliphuzi kuphela.

Kodwa u-Victor Hlungwani uthi bekumele lo mdlali waseZimbabwe ungomunye wabekumele bathole amakhadi abomvu ngoba lesi senzo sakhe sibeke engcupheni omunye umdlali.

“Lokhu bekuwubudlova! Angikaze ngibone into efana nalena empilweni yami,” kusho uHlungwani kwiSoccerzone.

“Uyabona ukuthi uNgwenya wenzeni lapha. Mbheke. Lokhu kungenelela kwakhe kubi kakhulu.

“Unikezwe ikhadi eliphuzi kuphela. Isinqumo esingalungile neze leso.

“Asifuni ukuqhubeka sikhuluma kakhulu ngakho ngoba kubi kakhulu ukukubuka.”

UHlungwani uphinde wathi uMokoena weMamelodi Sundowns bekufanele akhishwe ngesikhathi bedlala neKaizer Chiefs.

UMokoena wathola ikhadi eliphuzi ngemuva kokudlalisa kabi u-Ethan Chislett ngesikhathi ezama ukumphuca ibhola.

UHlungwani ubone lokhu njengokudlala kabi okuyingozi nokungalimaza kabi omunye umdlali.

“Nalapha sikhuluma ngokudlala kabi kakhulu,” kusho yena.

“Mbheke lapho, ubeka ukuphepha komdlali ophikisana naye engcupheni.

“Leli yikhadi elibomvu! Hhayi ikhadi eliphuzi.

“Ngakho-ke isinqumo sokunikeza ikhadi eliphuzi esikhundleni selibomvu asilungile. Lokhu akulungile!”

UKwinika naye usinde ngokulambisa ekhadini elibomvu ngokusho kuka-Victor Hlungwani ngesikhathi iChiefs ibhekene neSundowns.

Lo mdlali wasemuva wabonakala ekhahlela emhlane kaTashreeq Matthews ngesikhathi ezama ukukhipha ibhola.

Unompempe u-Alfred Jelly Chavani wamnika ikhadi eliphuzi. UHlungwani uthi naleso sinqumo besingalungile.

“Ukhahlele uTashreeq Matthews emhlane ngamandla amakhulu nangobudlova, ebeka ukuphepha komdlali ophikisana naye engcupheni.

“Ngakho-ke lapha uthole ikhadi eliphuzi. Lokhu ukudlala okubi kakhulu.

“Bekufanele kube yikhadi elibomvu, hhayi ikhadi eliphuzi,” kusho uHlungwani.

Ngokombono ka-Victor Hlungwani, bobathathu laba badlali bekufanele bathole amakhadi abomvu.

Lokhu kuphinde kwavusa imibuzo ngokungabi bikho kohlelo lokubuyekeza izigameko ngevidiyo kwiPSL.