Ezintsha

OweChippa uvuma iphutha ‘lokungalaleli’ elimqhathe nenduku

Lo nozinti ubecele ukuphubyuzwa ngemuva kokushonelwa abazali bobabili esikhathini esingamasonto ambalwa edlule.

Ubaba kaNwabali washona ngoNovemba ngaphambi kokuthi iNigeria idlale ngokulingana ngo 1-1 neBenin. 

Ngemuva kwalowo mdlalo, uNwabali waya wanikwa ikhefu eqenjini lesizwe, waya emngcwabeni kayise futhi akangadlala behlulwa yiRwanda ngo 2-1. 

NgoJanuwari, uphinde wehlelwa ifu elimnyama. Umama wakhe washona ngoSuku LukaNcibijane.

Esazilile, uNwabali waqhubeka nomsebenzi wakhe kwiChippa. Kodwa ngempelasonto edlule, utshele umqeqeshi wakhe ukuthi akakalungele ukudlala ngoba akekho muhl emoyeni. 

Ucele ukuphumula ngaphambi komdlalo weChippa neTS Galaxy. Kodwa uSeptember wamphoqa ukuthi adlale.

Ngasekupheleni komdlalo uNwabali wenze iphutha elibi neliqhathe iqembu nenduku. 

Bengumzuzu ka-80 ngesikhathi evimba ibhola ebelithunyelwe umgadli weGalaxy.

Kodwa ube esezama ukulisusa ngokushesha ibhola, kodwa esikhundleni sokuthi alise kumdlali wangakubo, laya ngqo kuDamir Sosvic weRockets. 

Lo mdlali wasesiswini odabuka eBosnia akabange esacucuza, walidla ngobuchule lasho lameqa uNwabali layogaxela enethini. USeptember ulivumile iphutha lakhe.

“Unozinti wami ungitshelile ngaphambi komdlalo ukuthi akekho esimweni, kodwa ngamphusha ukuthi adlale,” kusho uSeptember kwiFARPost. “Kwesinye isikhathi kufanele ulalele.”

Phezu kwaleli phutha uncome ukusebenza kukaNwabali. “Wenze kahle, ngaphandle kwamaphutha ambalwa nje ngasekugcineni.”

IChippa manje isizojika imiqondo yayo iyibhekise emdlalweni wayo weNedbank Cup lapho izogadulisana khona neKaizer Chiefs. 

Lo mdlalo womzuliswano wesibili weNedbank Cup uzoba seFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku.