Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

Okusha ngokumishwa kukaThemba Zwane kwiNdebe yoMhlaba

Isigungu esicubungla izinqumo zonompempe sesiphume nesinqumo esihlukile ngokumiswa kukaThemba Zwane kwi-World Cup.

UZwane wathola ikhadi elibomvu emdlalweni wokuqala weBafana Bafana ngesikhathi ishaywa yiMexico ngo 2-0. 

Lokhu bekusho ukuthi uzoma umdlalo owodwa engadlali kodwa manje isinqumo sesijikiwe – kodwa akuzona izindaba ezinhle kwiBafana.

Empeleni nje singase sichaze ukuthi sekuphelile ngephupho lika-Themba Zwane kwi-World Cup ka-2026. 

Lesi sigungu seFIFA simemezele ukumiswa kukaZwane imidlalo emithathu esikhundleni sowodwa.

Sithole ukuthi uZwane wephule uMthetho 14 isigatshana 1(e) seFIFA Disciplinary Code, lase limjezisa ngokummisa imidlalo emithathu.

Lokhu kusho ukuthi lo mdlali ongumakadebona uzophuthelwa umdlalo obalulekile weBafana neCzechia, neminye imidlalo emibili elandelayo. 

Ngokwalesi sinqumo, ngisho iBafana ingadlulela esigabeni somkhumulajezi, u-Themba Zwane ngeke adlale kuze kube kuyiwa esigabeni sesibili semidlalo yomkhumulajezi.

Isimo seBafana kule World Cup sivele sitshekile njengoba kuzodingeka iyinqobe yomibili imidlalo esele ukuze ibe sethubeni lokudlula esigabeni samaqoqo. 

IBafana izobhekana neCzechia ngoLwesine eMercedes Benz Stadium, e-Atlanta emdlalweni ozoqala ngo-6 ebusuku.