EzintshaKaizer Chiefs

UJosta uyabeseka ubuholi buka Maart kwiChiefs

Kusukela kwavela ukuthi uYusuf Maart nguyena ozoba ngukaputeni kwiKaizer Chiefs kule sizini, usethole ukugxekwa okuningi. 

Ngisho ezinye zezinkakha zeqembu, okubalwa noNeil Tovey, zashaya amakhala ngalesi sinqumo, zithi azimboni efanelwe ukuhola leli qembu. 

Nokho usethole ukwesekwa ngenye inkakha yaleli qembu, uJosta “JD” Dladla othi kumele anikwe ithuba. 

“UYusuf Maart ukulungele ukuba ngukaputeni weKaizer Chiefs ngoba uqokwe ngabaphathi behlangene nabaqeqeshi nabadlali,” kusho uDladla. 

“Ngicabanga ukuthi bayamthemba abaphathi beqembu noma kithi ebonakala ibhande lobukaputeni limsinda kodwa uzokhuluma kancane kancane. 

“Mhlawumbe inkinga wukuthi uYusuf Maart akamdala kangako kwiKaizer Chiefs, ngakho khona izinto eziningi okumele azifunde ngeeqembu.” 

UMaart ukhombisa ukwehlelwa yifomu yakhe kusukela ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi obebambile uCavin Johnson. 

UNeil Tovey, owabengukaputeni isikhathi eside kwiChiefs wakhala ngezinga lakhe lokudlala njengoba usekhombise izimpawu zokwehlelwa yifomu. 

Wathi ukaputeni kumele kube nguye oyisibonelo ngendlela adlala ngayo enkundleni ukuze nabanye abadlali bazethembe.