EzintshaKaizer Chiefs

UBroos uncoma uNabi ngokuqeda ‘ipolitiki’ kwiChiefs

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uzwakalise ukwaneliseka ngokwenzeka kwiKaizer Chiefs eqale isizini ngendlela ethembisayo. 

Uncome uNasreddine Nabi ngokubuyisela ukuhleleka nokuqeda ipolitiki yangaphakathi kuleli qembu.

IChiefs inqobe emidlalweni yayo emibili kwemithathu yokuqala yeBetway Premiership. 

Ishaye iMarumo Gallants ngo 2-1 naMaZulu FC ngo 3-1 kodwa yahlulwa ngo 2-1 ngompetha beligi iMamelodi Sundowns. 

Lokhu kuhlulwa kuqubule inkulumompikiswano kubalandeli, abanye besola onompempe ngokwenzelela.

Naphezu kwalo mphumela, uBroos uphawule ukuthi imidlalo yakamuva yeChiefs ivuselele ithemba kubalandeli bayo. 

Uphawule ukuthi amathikithi ayo yomithathu le midlalo adayiswe aphela, okukhombisa ukuthi abalandeli sebeyakholelwa eqenjini.

UBroos ukholwa ukuthi iChiefs isiphinde yabuyela ekubeni yiqembu eliqinile ngemuva kokuphoxa eminyakeni edlule. 

Ubalule ukuthi leli qembu elake laba namandla, belingenzi kahle, liqede endaweni yesishiyagalombili noma yesishiyagalolunye kumasizini adlule. 

Uthe bekungeyona into ejwayelekile ukuthi ikilabhu efana neChiefs ithwale kanzima futhi ibe ngasemsileni kwilogi.

Lokhu kuthuthukiswa uthi kungenxa yobuholi bukaNabi nekhono lakhe lokulawula abadlali ngendlela efanele. 

UBroos ubalule ukuthi iChiefs manje isinohlaka oluqinile nohlelo. 

Uncome indlela yokwethembeka yomqeqeshi nokukhetha kwakhe abadlali okusekelwe ekuzuzeni impumelelo.

Uthe akusekho ukuthola ijezi ngobungani kuleli qembu laseNaturena. 

“Yena (uNabi) uyazi ukuthi ufunani futhi ukhuluma izinto njengoba zinjalo,” kusho uBroos.

Uqhube wathi iChiefs isigxile ekusebenzeni nasekuphumeleleni. 

Ngokusho kukaBroos, lezi zinguquko zisiza ikilabhu ukuthi ithole uzinzo.

UBroos uvumile ukuthi nakuba iChiefs ingase ingabi ngompetha ngaso sonke isikhathi, kufanele ilwele indawo yesibili noma yesithathu okungenani. 

Ukholelwa ukuthi isisendleleni efanele futhi unethemba lokubona inqubekelaphambili eqhubekayo.

“Ngakho, ngijabule kakhulu ngokwenzeka kwiChiefs manje,” kwengeza uBroos. 

“Masikhulume iqiniso, akuyona into evamile ukuthi ikilabhu efana neChiefs ibe sendaweni yesishiyagalombili noma yesishiyagalolunye… 

“Kwenzekile kule minyaka emibili noma emithathu edlule, kodwa akuyona into okume ijwayeleke.

“Kumele kube… hhayi njalo ompetha kodwa babe sendaweni yesibili noma yesithathu, mhlawumbe ke eyesine uma kukubi. 

“Futhi ngicabanga ukuthi isethubeni elihle manje, ngakho-ke ake sithembe.”