
IChiefs seyikuqedile ukuqagela imemezela umqeqeshi omusha
I-Kaizer Chiefs isigcine iwuphendulile umbuzo obusezingqondweni zabalandeli abaningi ngokumemezela ngokusemthethweni umqeqeshi wayo omusha.
Iqinisekise ukuthi uFernando Da Cruz odabuka eFrance nguye ozocija iqembu.
Usayine inkontileka yeminyaka emibili, ehambisana nenketho yokwelulwa ngomunye unyaka.
Uzoqala umsebenzi wakhe ngokusemthethweni ngoJulayi 1.
Ukuqokwa kukaDa Cruz kuthathwa njengomyalezo oqinile ovela eNaturena njengoba Amakhosi efuna ukubuyela ezinsukwini zawo zempumelelo.
Lo mqeqeshi ufika namava ebholeni lase-Europe nase-Afrika, kanti uphethe neziqu i-Uefa Pro Licence, okuyisitifiketi esisezingeni eliphezulu kunazo zonke ebholeni lomhlaba.
UDa Cruz wake wasebenza eqenjini elikhulu laseFrance iLOSC Lille, lapho ayebhekele khona ukuthuthukiswa kwabadlali.
Akagcini lapho ngoba uyalazi futhi ibhola lase-Afrika.
Wake waqeqesha iqembu laseMorocco i-AS FAR, walihola emiqhudelwaneni yasekhaya neyeCaf.
Muva nje ubesebenza njengomqondisi wezokuqeqesha kwiRoyal Moroccan Football Federation.
Okunye okujabulisa abalandeli be-Kaizer Chiefs wukuthi lo mqeqeshi akayena umuntu omusha eNaturena.
Wasebenza neqembu ngesikhathi samalungiselelo esizini eminyakeni emibili eyedlule futhi washiya abaphathi bechazekile ngaye.
Manje usebuya ukuzothatha izintambo ngokugcwele, kanti umsebenzi wakhe omkhulu kuzoba ukwakha iqembu elizokwazi ukulwela izindebe.
Kuzophinde kubhekwe ukuthi abuyisele i-Kaizer Chiefs ekubeni yiqembu elihlonishwayo ebholeni laseNingizimu Afrika.
