
Okusha ‘ngecala’ leBafana lokusebenzisa uMokoena koweLesotho
INingizimu Afrika NGEKE iphucwe amaphuzu ngokudlalisa uTeboho Mokoena ibhekene neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMashi.
Futhi lokhu ngenhlanhla kungenxa yokuthi iLesotho ayizange ihambise ngendlela efanele ngesikhathi ifaka isikhalazo kwiFifa.
Lezi yizindaba ezizofika kabuhlungu ezindlebeni zeNigeria ebibheke ukuthi iBafana Bafana iphucwe amaphuzu eyawathola kulo mdlalo.
Imithombo engaphakathi kwiSafa iveze ukuthi iFifa lokhu yakuthatha njengesikhalazo nje, hhayi icala elisemthethweni, ngemuva kokuthi iLesotho ihlulekile ukulandela inqubo efanele.
Amaphepha ayo kanye nemali yokufaka icala lokudlaliswa kukaTeboho Mokoena kwahanjiswa sesedlulile isikhathi somnqamulajuqu samahora angu-24.
IBafana iphinde yabhubhudla iLesotho ngo 3-0 eBloemfontein ngoLwesihlanu olwedlule ukuze iqhubeke nokuqhwakela kuGroup C ngamaphuzu angu-16 ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa.
Umdlalo olandelayo ngoweNigeria ngoLwesibili — kanti ukunqoba lapha kungayinika ithikithi lokuya eNdebeni yoMhlaba ka-2026 e-USA, Mexico naseCanada.
ILesotho yayikhalaze ngokuthi uMokoena wadlaliswa kungafanele kulandela ukuthi ayethole amakhadi amabili aphuzu emidlalweni edlule.
Lokhu kwakwenza uTeboho Mokoena angafaneleki ukudlala neLesotho emdlalweni wokuhlunga ngoMashi la iBafana yanqoba khona ngo 2-0 ePolokwane.
Bekuyinto eyaziwayo ukuthi iNigeria beyincike kuleli cala leLesotho ukuthi liphume nesinqumo esizodla iBafana amaphuzu amathathu.
Lokhu bekuzoyinika ithuba elingcono lokusondela kwiBafana njengoba beyizosalela ngamaphuzu amathathu emuva.
FUNDA NALA | INigeria nengwadla ngaphambi komdlalo weBafana
Manje isalele ngamaphuzu ayisithupha, kanti uma ihlulwa ngoLwesibili kuzomele isale isikhohlwa ngokuya kwiNdebe yoMhlaba.
“Noma yini efakwa sekwedlule isikhathi isuke sekuyisikhalazo nje. IFifa ayiphoqelekile ukuba iphendule ngakho,” kucashunwe ongaphakathi kwiSafa esho kanje kwiSunday World.
