
Kuvela okuvimba AmaZulu ukubhalisa omunye wabadlali abasha
AmaZulu FC anenkinga abhekene nayo ngomunye wabadlali bawo abasha – lokhu kuqinisekiswe umengameli wawo, uSandile Zungu.
UZungu uqinisekise ukuthi uLiam Bern ukhona emabhukwini eqembu. Kodwa lo mdlali wasesiswini ngeke okwamanje abhaliswe kwiPSL ngenxa yombango oqhubekayo neCape Town Spurs.
AmaZulu akholwa ukuthi uBern ungumdlali otholakala mahhala ngemuva kokuthi iSpurs iphumile ezigabeni zebhola elikhokhelayo.
Ngokwemithetho yeNSL, abadlali bamakilabhu abangasekho kwiBetway Premiership noma kwiMotsepe Foundation Championship bangawashiya mahhala.
Kodwa-ke, iSpurs igcizelela ukuthi isafanelwe wukukhokhelwa ngabadlali bayo, kanti lokhu sekumise ukubhaliswa kukaBern kwiPSL ngaphansi kwaMaZulu.
“Unethalente elihle, kodwa ngeke sikwazi ukumbhalisa kuze kuxazululwa lolu daba,” kusho uZungu.
Ngenxa yalokhu, uBern ubengekho ngesikhathi kwethulwa ijezi nabadlali abasha kuMaZulu kuleli sonto.
Leli akulona icala elihamba lodwana. ISpurs isalwela ukugciina noLuke Baartman no-Asanele Velebhayi abafuna ukujoyina iKaizer Chiefs mahhala.
Icala labo okwamanje liphambi kweDispute Resolution Chamber (DRC) yePSL, kanti abaphathi bakaBern lilinde isinqumo ngaphambi kokuthatha ezabo izinyathelo zomthetho.
Khonamanjalo, AmaZulu ayaqhubeka nezinhlelo zawo, kanti ethule abadlali abasha okunguKeagan Allan, uRyan Moon, uDarren Johnson, noThando Ngwenya.
UZungu uphinde waqinisekisa ukuthi uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, obebolekiswe kwiDurban City ngesizini edlule, akekho ezinhlelweni zeqembu.
“Akukho kuhle ukukhuluma ngomdlali ongeyona ingxenye yezinhlelo zethimba labaqeqeshi. Leyo yinto okumele ikhulunywe naye ngqo,” kucacisa uZungu.
Abadlali abane bakhushulelwe eqenjini elikhulu besuka enkulisa yeqembu — okungo-Asanda Mzobe, Onke Ncama, Minenhle Ngcobo, noThandanani “Obama” Mhlongo.
Obengumqeqeshi weDurban City, uSimo Dladla, yena ujoyina njengephini lomqeqeshi, kanti obekwiRoyal AM, uPosnet Omony yena uzoba ngumqeqeshi wonozinti.
