Ezintsha

Ezintsha ngokuqulwa kwecala leMarumo Gallants 

Leli cala lizolalelwa yisigungu esiqondisa ubugwegwe kwiPSL kanti lifakwe yiCape Town City.

Leli qembu laseKapa elidliwe yizembe ngesizini edlule lisola iGallanta ngokuthi yadlalisa uMphambaniso ebe engabhalisiwe ngendlela efanele.

Lithi incwadi yokumkhulula abhaliswa ngayo ayikhishwanga yiqembu elifanele ngakho ukubhaliswa kwakhe kuphambene nemithetho. 

UMphambaniso ubesemabhukwini eMarumo Gallants ngesikhathi isadlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

Ibe seyithenga isitifiketi seMoroka Swallows sokudlala kwiBetway Premiership – yadayisela iLeruma United esayo.

NgokweCity, lokhu kusho ukuthi uMphambaniso uwele ngaphansi kweLeruma okuyiyo obekumele ikhiphe incwadi yokumkhulula ukuthi abhaliswe yiGallants.

Lesi sigungu sePSL sasilichithile leli cala ekuqaleni, labe seludluliselwa kwiSafa ukuthi ilubheke ngenhloso yokuluxazulula.

Umxazululi obeqokwe yiSafa yena ube esenquma ukuthi isigungu sePSL ayihambisanga kahle ngesikhathi siluhlalele lolu daba.

Ube esenquma ukuthi alubuyele kuso lesi sigungu siluqale kabusha. UMphambaniso udlale imidlalo engu-26 kwengu-28 yeligi edlawe yiGallants ngesizini edlule.

Uma isigungu sePSL sithola ukuthi nebala ukubhaliswa kwakhe akuhambanga ngendlela efanele, kuzoba nezinqumo ezimbili ezingase ziphume.

Esokuqala ngesokuthi iphucwe wonke amaphuzu ewatholile kule midlalo adlale kuyo lo mdlali.

Lokhu kuzosho ukuthi isibalo sayo samaphuzu sizoba ngaphansi kwesatholwe yiCity ngesizini edlule, bese kuba yiyo edliwa yizembe. 

Esesibili kungaba wukuthi ihlawuliswe imali, bese izinto zingajiki, ziqhubeke ngendlela eziyiyo njengamanje. 

Uma iphucwa amaphuzu, izinhlelo zePSL zizophazamiseka kakhulu ngoba kuzosho ukuthi imidlalo yokuhlunga ebidlalwa yiCity, kumele iqalwe kabusha.

Lokhu kungaphazamisa ukuqala kwemidlalo yeBetway Premierhsip. Nokho akubukeki kungaphazamisa eyeMTN8.

Phela amaphuzu azophucwa iGallants ngeke anikezwe amanye amaqembu, kodwa azolahlwa njengoba kwenzekile odabeni lweRoyal AM. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO