Ezintsha

Bavukela iFC Platinum eZimbabwe ngokuqasha abaseSA 

Umphathi we-FC Platinum usephoqeleke ukuba aphendule kulandela intukuthelo yabalandeli abaphikise ukuqashwa kwabaqeqeshi abasha baseNingizimu Afrika, uReneilwe Letsholonyane noThabo Senong.

Leli qembu laseZimbabwe lisanda kumemezela uSenong njengomqeqeshi omkhulu, kwathi uLetsholonyane waqokwa njengephini lakhe.

Lesi sinqumo asizange samukelwe kahle ngabanye babalandeli, abakhala ngokuqashwa kwabaseNingizimu Afrika ngesikhathi abantu abaningi baseZimbabwe bengasebenzi.

Abanye bathe abantu baseZimbabwe sebengakwazi ukuya eNingizimu Afrika njengabavakashi kuphela, kanti ukuthola umsebenzi sekunzima njengoba abaningi bexoshwa emisebenzini.

Lokhu kuholele ekutheni abalandeli babuze ukuthi kungani i-FC Platinum iqasha abaqeqeshi baseNingizimu Afrika, kuyilapho abaseZimbabwe bekhala ngokungawatholi amathuba afanayo.

Ephendula lokhu kugxekwa, umphathi weFC Platinum ucele uxolo kubalandeli abazizwe bengagculisekile.

Uthe ibhola alinamngcele futhi amazwe asebenzisana kakhulu emkhakheni webhola. 

Uphinde waveza ukuthi baningi abadlali baseZimbabwe abakhe amagama abo eNingizimu Afrika.

Ubalule abadlali abafana noDaniel Msendami, uJunior Zingonga noThando Ngwenya njengabanye abasizakale ngamathuba abawathole eNingizimu Afrika.

Nokho, intukuthelo yabanye abalandeli isaqhubeka, kanti abanye baze basabisa ngokuthi bazobhekana mathupha nabaqeqeshi abasha noma babatshele ukuthi babuyele ezweni labo.

I-FC Platinum isinxuse abalandeli ukuthi behlise umoya banikeze uLetsholonyane noSenong ithuba lokusebenza ngaphambi kokubahlulela.