EzintshaKaizer Chiefs

UPetersen nomlayezo wethemba kubalandeli beKaizer Chiefs

UPetersen ubesepalini ngesikhathi iKaizer Chiefs idlala ne-Asante Kotoko, la igcine ihlulwe khona ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi. 

Naphezu kwalo mphumela osho ukuthi balahlekelwe yiToyota Cup okwesibili kulandelana, lo nozinti ukholwa ukuthi kunezimpawu ezicacile zenqubekelaphambili eqenjini.

“Kule sizini kukhona ukwethembana nokuqondana okwengeziwe eqenjini,” kusho uPetersen. 

“Sesikwazi kangcono okufuneka kithi enkundleni. Lokho kusinika ukuzethemba okusenza silulandele kangcono uhlaka lokudlala lweqembu.”

IKaizer Chiefs ithwale kanzima ngesizini edlule, ibukeka ingaqinisekile ngendlela edlala ngayo. UPetersen uthi lezo zinkinga ziyalungiswa.

 “Ngesizini edlule besingenaso isiqiniseko ngaso sonke isikhathi ukuthi sidinga ukuba kuphi. 

“Manje sekunokucaca okwengeziwe,” kuqhuba yena. 

“Siyathuthuka kuyo yonke imidlalo. Abalandeli bazobona iqembu elizethembayo, eliqala ukudlala lisuka emuva.”

Lo nozinti uvumile ukuthi kusenomsebenzini okufanele wenziwe, kodwa uyaqinisekisa ukuthi isisekelo sikhona futhi basiqonda kangcono manje.

“Yebo, kusenezinto ezimbalwa okufanele uzilungise… Kodwa usuyayibona inqubekelaphambili. 

“Ukusuka lapha, sesizoba ngcono kuphela ngeke sisabuyela emuva,” kusho uPetersen.

IKaizer Chiefs izobe ibheke ukukukhombisa enkundleni lokhi kusukela zisuka nje ngesizini entsha.

UPetersen ukholelwa ekutheni iqembu selikulungele ukuletha imiphumela ezoletha injabulo kubalandeli.

“Besisebenza kanzima. Sifuna ukukhombisa abantu ukuthi yini esingayenza,” kuqhuba yena. 

“Kule sizini, uzosibona silawula imidlalo kangcono futhi sakha iminyakazo yethu sisuka emuva ngokuzethemba.”

Njengoba ngokomqondo ethi bavuselelekile futhi sebekuqonda kahle abakwenzayo, iKaizer Chiefs izobe ihlose ukwenza umbukiso ozojabulisa abalandeli enkundleni.

Ukuthi akushoyo kuzokwenzeka yini enkundleni kuzoqala ukubonakala ngo-Agasti 9 uma sekuqala umkhankaso weBetway Premiership. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO