EzintshaOrlando Pirates

Kuvela okwenze oweMsinga agabhe iPirates, ‘aqome’ iStellies

I-Orlando Pirates isale incela isithupha ngemuva kokuthi umdlali ovelele weMsinga United, uNkosingiphile “Tower” Nzaca enqabe ukuyijoyina wakhetha ukusayina kwiStellenbosch FC.

Lo mdlali usayine inkontileka yeminyaka emibili neStellenbosch, enenketho yokwelulwa ngemunye emibili.

Uqoke ukuyakuleli qembu laseWInelands nje ubefunwa uthuli yiPirates ne-University of Pretoria.

UNzaca ugqame kakhulu emqhudelwaneni wePirates Cup, lapho egez ekhona izinhloli zalezi zinkunzi zaseSoweto.

Ngokuthola kweLisenethini, izinhloli zePirates zasheshe zamkhomba njengomunye wabadlali ezazifuna ukubasayinisa.

Usihlalo weMsinga United, uWelcome Mpanza, uvumile ukuthi nakuba engumlandeli omkhulu we-Orlando Pirates, uyasiqonda isinqumo somdlali.

“Kuyangijabulisa ukubona umdlali wami ejoyina iqembu alifisayo,” kusho uMpanza.

“Mina njengomlandeli wePirates bengifisa ukumbona egqoke imibala emnyama nomhlophe yeBucs. 

“Kodwa ubone ukuthi iStellenbosch uzolithola kalula ithuba lokudlala nokukhulisa ikhono lakhe.”

UMpanza uphinde wancoma indlela iStellenbosch ephathe ngayo izingxoxo zokusayina lo mdlali.

“Ngithanda ukubonga abaphathi beStellenbosch ngokwenza konke ngendlela efanele nangokusikhokhela kahle,” kusho uMpanza. 

UNzaca usengumdlali wesithathu weMsinga United ukuthola inkontileka kwiBetway Premiership ngenxa muva nje.

Ulandela uLungelo Zungu ojoyine AmaZulu FC no-Ayanda Magubane osayine neDurban City FC.

Ngemuva kokulahlekelwa yilo mdlali, iMsinga United isiqalile amalungiselelo esizini entsha.

Izobambela ikhempu yayo yokulungiselela isizini ngaphandle kwaKwaZulu ukuze yakhe iqembu eliqinile elizolwela ukunyukela esigabeni esilandelayo ngesizini ezayo.