
UHugo Broos nesimemezelo esimangazayo ngekusasa
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usekuqinisekisile ukuthi usezoyeka ukuqeqesha ngemuva kweNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-73 ubudala uthi lokhu lo msebenzi weBafana uzoba ngowokugcina ngemuva kweminyaka ecishe ibe ngamashumi amane esebholeni.
UHugo Broos, osekhempini neBafana ngaphambi kwemidlalo emibili yobungani ezayo, uveze lokhu ekhuluma nabezindaba kuleli sonto.
“Isinqumo sengisithathile. Ngemuva kweNdebe yoMhlaba, ngizoyeka. Inkontileka yami izophela, kanjalo nomsebenzi wami wokuqeqesha.”
Lo mqeqeshi waseBelgium wengeze ngokuthi sekuyisikhathi sokuthi aphumule ngemuva kohambo olude esebholeni.
“Ngibe kulo mdlalo kusukela ngineminyaka engu-19 — ngaqala njengomdlali, ngase ngiba ngumqeqeshi. Ngeke phela ngize ngifele ebhentshini.
“Ngemva kwalokhu, ngifuna ukujabulela isikhathi sami ekhaya nomkami, siziphuzele ikhofi,” kusho yena.
Yize eyeka ukuqeqesha, uHugo Broos uveze ukuthi kungenzeka ukuthi aqhubeke nokusebenza kodwa ukweluleka uma edingeka.
“Ibhola liyohlala liyimpilo yami. Mhlawumbe ngizosiza njengomeluleki weNingizimu Afrika noma elinye iqembu.
“Kodwa hhayi nsuku zonke. Ngifuna ikhefu kwingcindezi yansuku zonke.”
Njengamanje iBafana Bafana ihamba phambili kuGroup C kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Ihola iRwanda neBenin ngamaphuzu amahlanu, kanti sekusele imidlalo emine.
Nokho, ukuhola kwabo kungase kube sengozini. IFifa iphenya ngecala olkudlaliswa kukaTeboho Mokoena bebhekene neLesotho ngesikhathi emisiwe.
Isinqumo asikaphumi kodwa uma itholwa inecala, ingase iphucwe amaphuzu amathathu.
Khonamanjalo, iBafana njengamanje isePolokwane la ilungela khona imidlalo emibili yobungani.
Izobhekana neTanzania ngoLwesihlanu ebusuku ePeter Mokaba Stadium naseMozambique ngoLwesibili oluzayo.
