Ezintsha

UPercy Tau ushiyile kwiQatar SC, ukhonjwa eSoweto

Leli qembu liqinisekise ukuhamba kwakhe ngoLwesine, limbalwa ohlwini lwabadlali abahlanu abakhululiwe. 

Ukukhululeka kukaPercy Tau sekuqubule amahemuhemu ngomnyakazo wakhe olandelayo — ikakhulukazi eNingizimu Afrika.  

Leli phini likakaputeni weBafana Bafana libonakale emdlalweni we-Orlando Pirates muva nje.  

Lokhu kuvuselele izinsolo zokuthi angase abuyele kwiPremier Soccer League, kanti iBucs ibonakala ihamba phambili ekumtholeni.  

U-Percy Tau wake wakuveza phambilini ukuthanda kwakhe iPirates, kanti abanye bathi yiphupho lakhe ukugqoka ijezi leziMnyama ngaphambi kokuqagaja ethala amakhokho.  

Njengoba eneminyaka engu-31 ubudala, lo mdlali usenamava kakhulu kanti usasalelwe yiminyakana ngaphambi kokuliyeka ibhola. 

Isipiliyoni sakhe, nerekhodi lakhe ezingeni leqembu nelamazwe namazwe limenza umdlali obalulekile okungathi noma yiliphi iqembu likujabulele ukumthola. 

Isikhathi sikaPercy Tau eQatar sibe sifushane. Ujoyine iQatar SC esuka kwi-Al Ahly ngoJanuwari futhi wadlala imidlalo engu-17 kuyo yonke imiqhudelwano.  

Inkontileka yakhe iphela ngoJuni, futhi kubonakala sengathi zombili izinhlangothi zavumelana ngesivumelwano sesikhathi esifushane.  

“Siyabonga. Sikufisela impumelelo esikhathini esizayo,”  ibhale kanje iQatar SC kumyalezo wayo wokuvalelisa kuTau.  

Iqembu liphinde lakhulula abanye abadlali abanamagama futhi abanamava njengaye noma ngaphezulu kukaTau.

Kubona kukhona owayedlala kwiBayern Munich uJavi Martinez, uBadr Benoun, u-Ahmed Abd El-Kader, noCarlinhos Vinicius.  

U-Percy Tau uzobuyela eNingizimu Afrika ukuophumula isikhashana, kodwa akukacaci ukuthi uzoqhubeka nomsebenzi wakhe ekhaya noma athole enye inkontileka phesheya.  

IKaizer Chiefs nayo sekunesikhathi imfisa, kodwa umzamo wayo wangaphambilini wawuchitha lo mdlali.  

Njengoba amaqembu eseqalile ukuzihlela kabusha, uuhambo lukaTau olulandelayo luzobhekwa ngabomvu ebholeni lakuleli.