EzintshaIndebe yoMhlaba

Eyase-Uruguay ijezise abadlali ngokuhluleka kweyoMhlaba

Kubikwa ukuthi inhlangano ephethe ibhola e-Uruguay ithathe isinqumo esinzima sokujezisa abadlali beqembu lesizwe kulandela ukuphoxa kwabo kwiNdebe yoMhlaba.

Leli qembu lehlulekile ukudlulela esigabeni somkhumulajezi ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu kuGroup H, liqoqa amaphuzu amabili kuphela emidlalweni emithathu.

Lo mphumela awuzange ubajabulise abaphathi bebhola kuleliya lizwe, ababe sebethatha isinqumo sokukhansela indiza ekhethekile obekuhlelelwe ukuthi ibabuyisele ekhaya.

Esikhundleni salokho, abadlali baphoqeleke ukuthi babuyele e-Uruguay ngezindiza zabagibeli ezijwayelekile, njengabo bonke abantu.

Lesi sinqumo sibikwa njengendlela yokukhombisa ukungenami ngendlela iqembu elidlale ngayo emqhudelwaneni.

Ukwehluleka kwaleli qembu kube ngenye yezinto ezinkulu ezishaqise abaningi, njengoba leli qembu belingelinye lamaqembu abelindelwe ukuthi afinyelele ezigabeni zokugcina zomqhudelwano.

Ukujeziswa kwabadlali be-Uruguay ngokukhanselwa kwendiza ekhethekile sekudale inkulumo enkulu ezinkundleni zokuxhumana.

Abaningi bazibuza ukuthi ingabe lesi sinqumo besifanele yini noma siyisijeziso ngokweqile nokuthatha ngewala kwabaphathi.