EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs isidalule izihlelo zokulungiselela isizini entsha 

Leli qembu lizoba nekhempu yokuziqeqesha eNetherlands kusukela ngomhla ka-3 kuya ku-19 Julayi.  

Lokhu kuzoba unyaka wesibili kulandelana lapho Amakhosi enza amalungiselelo awo engaphandle kwaseNingizimu Afrika.  

Ngonyaka odlule, iKaizer Chiefs yahamba yaya eTurkey ngaphansi kwethimba elisha labaqeqeshi eliholwa umqeqeshi uNasreddine Nabi.  

Nokho, iqembu libhekane nezinkinga lapho abadlali abasha befike eqenjini selibuyile ekhempini, seliseNingizimu Afrika.  

Lokhu kuphazamise izinhlelo zamasu okudlala nokuhlanganiswa kweqembu.  

IKaizer Chiefs manje isebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abadlali abasha bafika ngaphambi kokuthi iye kule khempu yaseYurophu.  

Inhloso wukuba neqembu eliphelele ngasekuqaleni kukaJulayi, ukuze ithimba labaqeqeshi libe nesikhathi esanele sokuhlanganisa abadlali abasha.  

Ngokusho kweqembu, kuzohlelwa imidlalo yobungani ngesikhathi sokuhlala kwalo eNetherlands.  

Kuthiwa Amakhosi ake acabanga ukuya eSpain, kodwa iNetherlands ekugcineni yakhethwa ngenxa yezindawo zokuziqeqesha ezisezingeni eliphezulu. 

Yize iKaizer Chiefs iqede endaweni yesishiyagalolunye kwiBetway Premiership ka-2023/24, iqembu lizongena kwisizini entsha ligcwele ithemba.  

Umqeqeshi uNabi usazoqhubeka esikhundleni sakhe futhi kanti kubhekwe akhele empumelelweni yangesizini edlule.  

Amakhosi aqede indlala yeminyaka eyishumi yezindebe ngokunqoba iNedbank Cup ka-2025.  

Lokhu kunikeze abalandeli abebekade bekhathazekile ithemba lokuthi izinto sezizoba ngcono.  

Ukulungiselela isizini entsha kubalulekile ekwakheni isisekelo somkhankaso oqinile wasekhaya.  

Ngemuva kokuthola iNedbank Cup, okulindelekile manje wukuthi iChiefs ingene embangweni wesicoco seligi futhi yenze kahle nakwezinye izindebe. 

IKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi imemezele imininingwane eyengeziwe mayelana nemidlalo yokulungiselela isizini, nabadlali abasha emasontweni azayo.