EzintshaKaizer Chiefs

Kungani uKatsande ekholelwa kubaqeqeshi besikhashana beChiefs

Uyakuchitha ukukhathazeka okukhona ngokuthi abanawo amava okuqeqesha ngokuzimele njengoba bebengamaphini. 

NgoLwesihlanu olwedlule, laba bobabili banikezwe ngokusemthetwheni izintambo kuze kuphele isizini.

Lokhu bekungemuva kokuthi ikilabhu “ivumelene ngokuhlukana nomqeqeshi uNasreddine Nabi”, obesalelwe yizinyanga eziyisishiyagalombili kwinkontileka yakhe.

Yize bengakaze basebenze njengabaqeqeshi abayinhloko phambilini, bobabili uBen Youssef noKaze banesikhathi besebenza ezwenikazi futhi bebeyingxenye yethimba likaNabi.

Manje uWillard Katsande ukholwa ukuthi bangakwazi ukuwenza lo msebenzi abanikwe wona eNaturaenna ngoba ‘vele amava abuye angasho lutho’. 

“Ukugcina uBen Youssef noKaze kube ngumnyakazo omuhle,” kusho uWillard Katsande kwiSowetan kuleli sonto. 

“Awukwazi ukuletha umqeqeshi omusha manje futhi ubeke engcupheni inqubekelaphambili yeqembu. 

“Laba baqeqeshi sebeyalazi iqembu, bayayazi le ligi — manje okufanele sikwenze wukubaseka.”

UKatsande, owayengumdlali wasesiswini kuMakhosi, owadlala imidlalo engaphezu kuka-300 phakathi kuka-2011 no-2021, uwuchithile umbono wokuthi laba bobabili abanawo amava.

“Kimina, umbono wokuthi abanawo amava awulungile,” kwengeza uSalt and Vinegar. “Sebeneminyaka eminingi besebholeni.

“Kwesinye isikhathi igama elithi ‘amava’ lisetshenziswa kabi. Bheka nje uMikel Arteta — wasuka ekubeni yiphini likaPep wayophatha i-Arsenal. 

“Okubalulekile ekuqeqesheni wukuqonda umdlalo, hhayi ukuthi usunezicoco ezingaki ozinqobile.”

UBen Youssef noKaze sebevele bengamele imidlalo emihlanu kuyo yonke imiqhudelwano, bathola iwini eyodwa — bekunqoba kumaphenathi behlula iKabuscorp kwiCaf Confederation Cup. 

Baphinde badlala ngokulingana imidlalo emibili yeligi base bewashiswa ijezi yiStellenbosch kwiCarling Knockout. 

Laba bobabili babhekane nengcindezi ekhulayo evela kubalandeli abafuna lishintshwe lonke ithimba labaqeqeshi, kuqashwe onegama. 

Kodwa ngokwezinkontileka zabo — kanye nezomqeqeshi wonozinti u-Ilyes Mzoughi nomhlaziyi uMajdi Safi — ezizophela ngoJuni ozayo, iChiefs ingakhokha itshe lemali uma ibadedela nabo.

UKatsande, nokho, ugcizelela ukuthi ukuzinza kubalulekile. “Masibanike isikhathi. 

“Bebekanye neqembu kusukela kulungiselelwa isizini okuyinto ebaluleke kakhulu njengamanje,” kuphetha yena.