
UZitha Kwinika uthalalisa eyabeChiefs ‘abebelwa’ enkundleni
Ukaputeni weKaizer Chiefs, uZitha Kwinika, usechithe ingxabano eshubile ebiphakathi kozakwabo ababili njengento ejwayelekile ebholeni.
Lesi sigameko senzeke emdlalweni wabo weligi neMarumo Gallants kuleli sonto lapho u-Inacio Miguel noSibongiseni “Ox” Mthethwa becishe bashayana khona.
Ngesikhathi salo mdlalo obuseFNB Stadium, laba badlali ababili babonakale bejikijelana ngamazwi ashubile futhi bekhombana nangezandla kabana impela.
UZitha Kwinika ubuziwe ngalesi sigameko, wathi bekuwukuhilizisana nje okusuke ngoba bobabili belwela iqembu, wathi abadlali bebebanga ukuthi yini elungele impumelelo yeqembu.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Ngicabanga ukuthi njengomholi, kungenzeka ukuthi angikubonanga lokho (ukujikijelana ngamazwi nokukhombana kabi).
“Kodwa engakubonile bekungabadlali ababili beqembu ababelwela isizathu esihle,” kusho uZitha Kwinika.
“Bekunokungaboni ngaso linye lapho omunye ezama ukudlulisa umyalezo othi woza senze okulungile, okubalulekile eqenjini.
“Akukhona ukungqubuzana ngendlela embi kodwa kuwukubuyisana uma kukhona ongasahambisi ngendlela obekuvunyelwene ngayo.
FUNDA NALA | UMngqithi ubona iDowns isazogqilaza kakhulu
“Noma ngabe kwenzekeni, kusho ukuthi oyedwa kulaba ababili akazange anamathele ohlelweni lwethu ngoba noma yini esiyenzayo, kusuke kukhona icebo lokukwenza.
“Uma umuntu ephambuka kulo, siyambiza simkhumbuze ukuthi kufanele sikwenze ngale ndlela. Bekungeyona into embi kodwa beyihlose ukuhlanganisa iqembu futhi siqhubeke ngendlela efanele.”
