
UZipho Dlangalala ukhathazwa yiBrazil elahla isiko layo
Umqeqeshi obuye abe ngumhlaziyi, uZipho Dlangalala useveze ukudabuka kwakhe ngabubiza ngokuduka kwezwe ebelidume ngebhola elihle emhlabeni i-Brazil.
Ukhala ngokuthi ‘kuphelile ngeBrazil’ njengoba ethi iSelecao isilahle indlela yayo yokudlala kule minyaka embalwa edlule.
Ugcizelela ukuthi ukuqokwa kukaCarlo Ancelotti kukhombisa izinkinga ezijulile zokubalekela isiko layo.
“Umqeqeshi wangaphandle uyisiqinisekiso sokuthi ibhola leBrazil liyanyamalala,” kusho uDlangalala.
UZipho Dlangalala ukholwa ukuthi isitayela sodumo sase-Brazil siyanyamalala kancane kancane.
Uthi okwenza ukulahlekelwa kwabo yisiko kuhambe kancane uma kuqhathaniswa neNingizimu Afrika wukuthi bona banesibalo esiphezulu sabantu ezweni labo.
Uveze ukuthi ishobolo laqala ngesikhathi kuqokwa ingwazi yaseBrazil uDunga njengomqeqeshi eminyakeni engaphezu kweshumi edlule.
“Ukuqoka uDunga eminyakeni eyishumi nanhlanu edlule kwabonisa inkinga yokuthi akekho ongaphakathi kwiCBF obona ingozi abalengela kuyo,” usho kanje.
Ukuhlulwa kabuhlungu ngo 7-1 yiGermany ngo-2014 kusalokhu kuwuphawu, “nesikhumbuzo esinonya sesimo sebhola laseBrazil.”
UDlangalala uxwayisa ngokuthi kusazovela amathalente akhethekile eBrazil, nokho ugcizelela ukuthi lokho ngeke kusasiza ngoba iqembu lesizwe selilahlekelwe yisiko lalo.
FUNDA NALA | UBarker ucacisa ekaNku noMojela abaphelelwe yindawo kwiStellies
Ubikezela ukuthi iBrazil izozabalaza kanzima eNdebeni yoMhlaba elandelayo ezoba se-US, Canada naseMexico ngonyaka ozayo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
