
ISundowns isazoqhubeka nokugqilaza – Mngqithi
UManqoba Mngqithi uxwayise labo ababukela phansi iqembu lakhe lakudala, iMamelodi Sudwns ukuthi bangase bawagwinye amagama abo.
Lokhu kungenxa yokuthi lo mqeqeshi weGolden Arrows ukholwa wukuthi iSundowns isazophinde iyithathe indawo yayo kwiBetway Premiership.
Ubekhuluma ngemuva kokuhlula iSundowns eyishaya ngo 1-0 kuleli sonto. Ukuhlulwa kukhuphule ingcindezi kumqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso.
“Ngizwa abantu bethi le sizini izoba ngehlukile; ngokubona kwami leli qembu lisenamandla kakhulu,” kusho uManqoba Mngqithi.
“Kufanele ukhumbule ukuthi ababanga nesikhathi esanele sokulungiselela isizini ngendlela efanele, futhi lokho kuyabonakala emidlalweni yokunqala eyishumi.
“Ungalindela ukuthi bangabi namgqigqo, futhi iqiniso wukuthi ukuthi bebekwi-Club World Cup kube nomthelela ongemuhle.”
Ugcizelele ukubaluleka kwesikhathi sokululama ngokomzimba nangokwengqondo eqenjini ngemuva komqhudelwano omkhulu.
“Ukubuyela esimweni ngemuva kweClub World Cup kudinga okungenani inyanga ukuze abadlali babuyele esimweni. Angicabangi ukuthi balapho okufanele babe khona.”
UManqoba Mngqithi uphinde wancoma ukusayina kwaleli qembu lakhe lakudala, wathi litheze kahle kakhulu.
“Uma ngibheka ukusayina abakwenzile, ngibabona benze kahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi uNuno Santos ungumdlali omuhle kakhulu.
“Nomfana omncane, uBennett Mokoena wayenathi kwiDDC phambilini. Ungumdlali omuhle kakhulu.
“Nalo mfana abamthole ePortugal, uMiguel Reisinho, naye muhle kakhulu.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Uphethe ngokuveza inkolelo yakhe ngokuthi leli qembu lisenokhilimu wabadlali futhi lisazokhonya nje.
“Ngokubona kwami, ngibona ngale kwaleli qembu elihluliwe lapha namuhla (ngoLwesithathu)…
FUNDA NALA | u-Ouaddou ufuna abadlali bakhe bageze ubebebe kwababangabazayo
“Kodwa lokho alichazi ukuthi leli qembu alisekho ezingenzi elifanele ngoba, ngokubona kwami, basesezingeni eliphezulu namanje.
“Ngokubona kwami, ngicabanga ukuthi iSundowns isazoba namandla kakhulu kule sizini, futhi ngikhuluma iqiniso uma ngisho lokho.”
