Ezintsha

Kuhalalise uRonaldo uMessi evalelisa kahle kwi-Argentina

U-Lionel Messi usevale isahluko sakhe esiyingqophamlando kwi-Argentina, kwachazeka ngisho imbangi yakhe endala u-Cristiano Ronaldo.

Lo mdlali oneminyaka engu-39 ubudala udlale umdlalo wakhe wokugcina egqoke ijezi leLa Albiceleste ngoLwesibili ebusuku eBuenos Aires, wasiza i-Argentina yashaya iBenin ngo-3-0.

UMessi uqinisekise ukuthi ukuvalelisa kwakhe kuba ngokukhethekile, njengoba eshaye iphenathi waphinde wakha womabili amagoli.

Ngemuva komdlalo, kube sekugxilwa ezilokothweni ezinhle ebezithunyelwa kuye ngabanye babadlali abakhulu ake wabhekana noma wadlala nabo.

Owokuqala ukuhalalisela u-Lionel Messi kube u-Cristiano Ronaldo, imbangi yakhe yesikhathi eside ikakhulukazi ngezikhathi zabo kwiLaLiga.

URonaldo ubhale ku-Instagram emncoma uMessi: “Leo, iminyaka eminingi umele izwe lakho futhi ushiye umlando ozohlala unomphela.

“Ngikuhlonipha kakhulu ngalokho osukuzuzile ne-Argentina.”

UMessi ushiya ibhola lamazwe ngamazwe engumdlali ophethe amarekhodi amaningi e-Argentina. 

Unemidlalo engu-208, amagoli angu-126 kanti wakhe angu-66 — konke okuyingqophamlando eqenjini lesizwe.

Phakathi kwakunqobile yiNdebe yoMhlaba ka-2022, iCopa America ka-2021 no-2024, iFinalissima ka-2022 nendondo yegolide kuma-Olympics ka-2008 eBeijing.

Uphinde waba ngomunye wabadlali ababili abaqophe umlando ngokudlala kwiNdebe yoMhlaba amahlandla ayisithupha, benoRonaldo.

Owayedlala naye kwiBarcelona, uRonaldinho, naye uthumele umlayezo othinta inhliziyo.

“Kube yintokozo enkulu ukuba yingxenye yendaba yakho kusukela ngosuku lokuqala, mfowethu!”

URonaldinho uthe uMessi wenze abantu emhlabeni wonke bajabulela ibhola.

“Usenze samamatheka futhi sajabulela ibhola kakhulu. Igama lakho selibhaliwe emlandweni wezwe lakho nasemhlabeni wonke.”

Lo mdlali waseBrazil uphinde wakhumbula iphupho labo lokumela izwe nokuba ompetha bomhlaba.

“Yithina kuphela esiyaziyo injabulo esaba nayo ngokufeza iphupho lethu lasebunganeni — ukumela izwe lethu nokuba ngompetha bomhlaba.

“Jabulela impilo, mfowethu. Ngikufisela okuhle kakhulu, namuhla naphakade.”

UNeymar, owadlala noMessi kwiBarcelona nakwiParis Saint-Germain, naye umkhumbule ngendlela ekhethekile.

Lo mdlali waseBrazil uthe uMessi wamenza “walithanda kakhulu ibhola”, wathi labo abathanda lo mdlalo bayijabulele iminyaka eminingi bembuka.

Njengoba enconywa ngisho nayimbangi yakhe u-Cristiano Ronaldo, umthelela ka-Lionel Messi ebholeni lomhlaba awunakuphikiswa. Manje usezogxila kwi-Inter Miami.