EzintshaKaizer Chiefs

UPercy Tau uveza imali ingamyenga kwiKaizer Chiefs

U-Percy Tau usanda kushiwa iQatar SC ahlale kuyyo isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha kade eyijoyine esuka kwi-Al Ahly. 

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala, owazakhela igama kwiMamelodi Sundowns ufuna ikilabhu entsha ngemuva kokushiya iQatar SC. 

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide, uPercy Tau ubuzwe ukuthi angawulinganisela kumalini umholo ongamenza asayine kwiChiefs.

Lokhu bekungemuva kokuveza ukuthi ukhule engumlandeli waleli qembu elizinze eNaturena. 

“Ake sithi nginguKaizer (Motaung, ngikubizela eNaturena, ngikunikeza u-R450 000 ngenyanga. Ungawamukela?,” kubuza uMarawa.

“Inkontileka yeminyaka emingaki?,” uphendule ngalo mbuzo uTau.

“Usayina iminyaka emibili, enombandela wokwelula uma iphela,” kusho uMarawa.

“Kuhle kakhulu lokho,” kusho uTau, ekhomba ukuthi engakwamukela.

Lo mgadli onekhono wengeze ngokuthi akayena umuntu ofuna izinto ezingaphezu kokufanele uma kukhulunywa ngemali.

“Nginengqondo kakhulu uma kukhulunywa ngezinkontileka… Ngeke ngicele into engiyaziyo ukuthi ikilabhu ngeke inginike yona,” kuqhuba yena.

UPercy Tau mancane amathuba okuthi aswele izesheli uma enquma ukubuyela kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.

UTau ugcine ukudlala eNingizimu Afrika ngesizini ka-2017/18, ngaphambi kokuthi asayinwe yiqembu le-English Premier League iBrighton and Hove Albion.

IBrighton yabe seyimbolekisa emaqenjini aseBelgium i-Union St Gilloise, iClub Brugge ne-Anderlecht. 

Lo mdlali, odume ngelika‘Lion of Judah’ wadlala umdlalo wakhe wokuqala kwiBrighton ngoJanuwari 2021.

UTau wabe esethengiselwa i-Ahly ngo-Agasti 2021 futhi wafike kuyo wanqoba izindebe eziningi, okuhlanganisa nezicoco ezimbili zeCaf Champions League.