
UMajoro uveza okumchaze ngoMbuthuma ‘evala imilomo’
Owayengumgadli we-Orlando Pirates, u-Lehlohonolo Majoro, uthi uyajabula ukubona u-Yanela Mbuthuma eseqede ukugxekwa ngokukhombisa ikhono lakhe enkundleni.
UMbuthuma uqale kabi isizini ka-2026/27, wagxekwa kakhulu ngabalandeli bePirates ngemuva kokungawatholi amagoli emidlalweni yokuqala.
Kodwa lo mgadli oneminyaka engu-24 ubudala washeshe wajika izinti, waziphendulela.
Ushintsho lwabonakala emdlalweni owandulela owamanqamu weMTN8 lapho iPirates ibhekene neSekhukhune United e-Orlando Amstel Arena ngomhla ka-29 kuNcwaba.
UMbuthuma waba nomdlalo omuhle, wakha amagoli amabili ashaywa uThapelo Mokobodi noGamphani Lungu.
Lokho kwasiza iPirates ukuthi iye kowamanqamu weMTN8 okwesihlanu kulandelana, yaba yiqembu lokuqala emlandweni wale ndebe ukufinyelela kuleli zinga izikhathi ezinhlanu zilandelana.
UMbuthuma wabe eseqhubeka nokukhombisa ukukhula kwakhe kwiBetway Premiership, washaya amagoli amabili ngesikhathi iPirates ibhekene neKruger United ngo-4-0 ngoMfumfu.
Kule sizini usedlale imidlalo engu-10 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amabili futhi wakhela ozakwabo amabili.
Ukudlala kahle kwakhe kumenze wabizwa kwiBafana Bafana, lapho adlale khona emidlalweni emibili kwemithathu ngesikhathi sekhefu leFIFA.
U-Lehlohonolo Majoro uthi kuyamjabulisa ukubona u-Yanela Mbuthuma ekwazi ukubhekana nengcindezi ngale ndlela enze ngayo.
“Kuyangijabulisa kakhulu ukubona umdlali obegxekwa ekwazi ukudlula kuleyo ngcindezi ngokuqhubeka nokukhombisa lokho akwaziyo.
“Nathi njengabadlali sake sabhekana naleyo ngcindezi futhi siyazi ukuthi ayimnandi,” kusho uMajoro kwiFARPost.
UMajoro ugcizelele ukuthi umdlalo owodwa omubi akumele uchaze ukuthi umdlali ungubani.
“Ngihlale ngithi ngoba umdlali edlale umdlalo owodwa kabi akusho ukuthi ungumdlali omubi,” kuqhuba yena.
Uthi ukubizwa kukaMbuthuma kwiBafana kanye nokwakha igoli emdlalweni neGuinea kungenzeka kumsize kakhulu ekuqniseni ukuzethemba.
“Ukuthi ubizwe kwiBafana futhi wakwazi ukwakha igoli emdlalweni wethu wokuqala wokuhlungela i-Afcon ka-2027 neGuinea kuyangijabulisa kakhulu njengomgadli wangaphambili.”
U-Lehlohonolo Majoro ukholwa ukuthi leli thuba kungenzeka limsize u-Yanela Mbuthuma ukuthi azethembe nakakhulu ukuthi uyakwazi ukudlala ezingeni lamazwe omhlaba.
“Ngikholwa ukuthi lokhu kungenzeka kumkhuphulele ukuzethemba nokukholelwa kuyena ukuthi uyayifanele indawo eqenjini lesizwe.”
Umyalezo kaMajoro ucacile: uMbuthuma kumele aqhubeke nalokho asekuqalile.
“Ngiyethemba ukuthi ngizombona eqhubeka nalokhu kudlala akukhombise muva nje.”
- FUNDA NALA | Igidigidi ngoSalenge ebuyela ejimini
UMbuthuma usephendule ukugxekwa ngendlela enhle kakhulu — ngokwenza umsebenzi omuhle enkundleni.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
