
Usuthu lunyakazise isihlahla, kwawohloka amacembe omile
AmaZulu FC asehlukane nabadlali abayisithupha njengoba leli qembu laseThekwini lizihlela kabusha, lichitha abadlali abangasadingeki.
Asekhulule uVeli Mothwa, u-Abbubaker Mobara, uBoniface Haba, uRowan Human nabanye abadlali ababili njengoba elungiselela isizini ezayo.
Ngokubika kweSportswire.co.za, kukhona okungacaci kahle ngokuhamba kukaHuman.
Lo mdlali wasesiswini udlale kahle ngesizini edlule, okusize Usuthu lwaqeda endaweni yesithupha.
Imibiko iveza ukuthi akayona ingxenye yezinhlelo zomqeqeshi u-Arthur Zwane.
Manje njengoba umengameli weqembu uSandile Zungu aqinisekisa ukuthi uZwane uyahlala, lo mdlali kudingeke abone afika ngayo.
Ukuhamba kukaMobara khona kuza ngemuva kokungqubuzana kwemibono noZwane, okuholele ekutheni amiswe benoCelimpilo Ngema.
Ngokuhamba kwesikhathi uNgema yena wadedelwa yiqembu ngenxa yezinkinga zangaphandle kwenkundla.
Yize uMobara ebuyiselwe eqenjini kodwa akakaze adlale kusukela ngoMashi.
UHaba, ofike evela kwi-Olympic Safi eGuinea, bekulindeleke ukuthi aqinise ukuhlasela kwaMaZulu.
Nokho, lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, owawina iligi amahlandla ayisithupha eGuinea, udlale imidlalo eyisishiyagalombili nje kuphela.
UMothwa, obengukapteni waMaZulu, yena ulahlekelwe yindawo yakhe ngemuva kokufika kukaRichard Ofori Osuthwini.
Lo nozinti oneminyaka engu-34 ubudala udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela ngesizini edlule, kanti wagcina ukubonakala ngo-Ephreli bebhekene neGolden Arrows.
Lokhu kuhamba kulandela okukaWayde Jooste, kanti u-Etiosa Ighodaro uzobuyela kwiMamelodi Sundowns ngemuva kokushaya amagoli ayisithupha emidlalweni engu-27.
Ukulungiswa kabusha kweqembu laMaZulu kukhomba ukuqala kabusha ngaphansi kobuholi bukaZwane ngesizini ezayo.
