EzintshaKaizer Chiefs

Kubuye uMcCarthy, uFlavio Silva uyaqala kwiChiefs 

Ukubuya kwalaba badlali ababili abamqoka eqenjini elizoqala umdlalo kulindeleke kuwaphakamise kakhulu Amakhosi abheke ukuqinisa indawo yawo kwilogi – kungenzeka ukuthi alale eqhwakele. 

Yize iKaizer Chiefs iqale kahle kodwa beyingakakwazi ukukhuphukela esicongweni kwilogi njengoba iSekhukhune kuyiyo ebilokhu iphambili kwaze kwaba ngempelasonto edlule. 

IMamelodi Sundowns ibe seyenza ezidume ngayo, yanonkela yaya esicongweni ngeSonto kulandela ukunqoba kwayo ngo 3-0 ishaya iMagesi FC, yabuyisela iChiefs endaweni yesithathu. 

Kepha ukunqoba kweKaizer Chiefs kulo mdlalo ose-FNB Stadium ngoLwesibili ebusuku kungayikhuphulela esicongweni okokuqala ngqa kusukela ngesikhathi seCovid-19. 

Ukuba khona kukaMcCarthy emuva maphakathi nendawo yinto cishe ayijabulele umqeqeshi uNasreddine Nabi obheke ukugcina umgqigqo wokungahlulwa. 

Lo mdlali osemncane wasemuva ubenza kahle emidlalweni yokuqala yesizini, kwaze kwaba uphazanyiswa ukulimala. 

Omjoyine eqenjini eliqalayo ngumgadli osefomini uFlavio Silva oshaye igoli lakhe lokuqala emdlalweni wabo wokugcina – behlula iGolden Arrows ngo 1-0. 

Omunye oqalayo nguReeve Frosler othatha indawo kaThabiso Monyane emuva kwesokudla. 

UBrandon Petersen uzothatha indawo yakhe emapalini, kanti uMcCarthy, u-Inacio Miguel, uFrosler, noPaseka Mako bazokwakha udonga lwasemuva. 

Isisu sizolawulwa u-Ox Mthethwa noSiphesihle Ndlovu, bese oPule Mmodi, uGaston Sirino, noGlody Lilepo balekelele uFlavio Silva ekuhlaseleni.

Njengoba ebophele iqembu eliqinile, umqeqeshi uNabi uzobe enethemba lokuthi uzodlala kahle futhi anqobe ukuze aqhubeke nomgqigqo wakhe omuhle kule sizini.

  • IChiefs ibophele kanje kulo mdlalo: Petersen – Mako, McCarthy, Miguel, Frosler – Lilepo, Mmodi, Mthethwa, Ndlovu, Sirino – Silva
  • Ebhentshini: Ntwari, Kwinika, Cross, Du Preez, Matlou, Cele, Shabalala, Vilakazi, Duba

ISekhukhune yona ibingakalikhiphi iqembu eqala ngalo ngesikhathi sokushicilela lo mbiko.