EzintshaMamelodi Sundowns

‘UZwane ubengeke ayilamulele iDowns endukwini yePyramids’

ISundonws ihlulwe kabuhlungu yiPyramids FC emdlalweni wamanqamu weCaf Champions League ngeSonto ebusuku. 

Kukhalwe kakhulu ngomqeqeshi uMiguel Cardoso odle imihlathi, wangamfaka uZwane kwaze kwaphela umdlalo.

Abalandeli nabahlaziyi abaningi bakhale ngokuthi uThemba Zwane ubezowenza umehluko kulo mdlalo, futhi iSundowns ibingaphuma nomunye umphumela. 

Nokho uDlangalala yena ubona ngenye indlela, uthi noma ngabe ufakiwe uMshishi kulo mdlalo, akukho abengakwenza. 

“Akulungile neze ukusola uCardoso ngokushiya uThema Zwane ngaphandle kulowa mdlalo,” kusho uDlangalala.

“Umdlalo odlalwa yiqembu njengamanje, awushodi ngoThemba Zwane futhi awumdingi. 

“Ngiyazibuza ukuthi usazizwa edingeka yini yena uma kunje,” kuqhuba lo mhlaziyi. 

“Akanayo nhlobo indima okufanele ayidlale uma kunezinyamazane ezigijimela amabhola amade.

“Kungaba abadlali basemuva noma amabhola agotshwa ahambe phezulu asuka kubadlali bezinhlangothi emuva. 

“Ngisho umthelela kaRibeiro awusenamandla ngenxa yendlela okudlalwa ngayo.”

Uthe iSundowns isivele ilibhamuze lindize emoyeni lize liyowela ebhokisini ibhola.

Ngenxa yalokhu, abadlali abathanda ukulibeka phansi njengoZwane noRibeiro bagcina sebephambana nalo. 

“Sebenamabhola amaningi ahamba emoyeni ayongena ebhokisini kunaphambilini. 

“Uzobheka ukuthi baqede umdlalo sekukhona uShalulile, uSales, uMothiba, uRibeiro noMorena.

“Mhlawumbe lokho kumele kusikholise sonke bese sikhohlwa wukukhuluma ngalou daba ngokushesha.” 

UDlangalala usole uCardoso ngokuthi useyihlakaze wayiqeda iSundowns njengoba ingasenawo amandla ebishikilisa ngawo izimbangi.