Ezintsha

Iza nezinguqulo eyeKZN Premier’s Cup kulokhu

Le midlalo, enika amaqembu adlala ezigabeni zePremier Soccer League (PSL) ithuba lokuzizwa amandla, izbona ngoJulayi 27 no-28. 

Isimemezelo sokuthi izinhlelo zale midlalo zime kanjani kulo nyaka senziwe umphathiswa omusha wezemidlalo, uMtomuhle Khawula ngempelasonto. 

UKhawula uphinde waveza nokuthi namaqembu adlala kwi-ABC Motsepe League afake isikhalo ngokuthi wona awafakwa kule midlalo. 

Athi nawo asuke esiza ukuthola imidlalo eqinile yokuzihlola amandla ngaphambi kokuqala kwesizini. 

“Akhala ngokuthi awanakwa wona ngemidlalo yokulungiselela ukuqala kwesizini kodwa kunakwa amaqembu adlala kwiPSL,” kusho uKhawula.

“Sizoqala ngesizini ezayo ukuwafaka lamaqembu emidlalweni yeKZN Premier’s Cup.

“Ngabe lamaqembu siwafakile kodwa ngenxa yokuthi siqale lo msebenzi amalungiselelo esevele ephakathi nendawo, asikwazanga,” kuchaza uKhawula.

Khonamanjalo uKhawula uphinde waveza ukuthi ngeke ibekhona imidlalo yePrince Mangosuthu Legacy Cup ebidlalwa minyaka yonke. 

Amaqembu alindelekile ukuthi adlale iPremier’s Cup yiMaritzburg United, AmaZulu FC, iRoyal AM, iRichard Bay FC, iMilford FC neGolden Arrows.

Usuku lokuqhathwa kwawo kulindeleke limenyezelwe maduze. UKhanye akananxa neChiefs emgabhile kwelezinkakha