UKhanye akananxa neChiefs emgabhile kwelezinkakha
– Intatheli yeLisenethini
Owayeyisihlabani seKaizer Chiefs, osengumhlaziyi webhola manje, uJunior Khanye, usephumele obala ngokungafakwa kwakhe eqenjini lezinkakha zaleli qembu.
UKhanye usale ngaphandle eqenjini lezinkakha zeChiefs elizobhekana nelezeBloemfontein Celtic emdlalweni weToyota Cup ngoJulayi 28.
Yize engekho obonakalayo, uKhanye uyagcizelela ukuthi akanalo igqubu ngeqembu lakhe lakudala.
Umdlalo wezinkakha uzobhulela amazolo oweChiefs la izobhekana khona neYoung Africans yaseTanzania eFree State Stadium.
Iqembu elimenyezelwe lihlanganisa ozakwabo abaningi bakaKhanye, okuhlanganisa uJabu Mahlangu, uCyril Nzama, uDavid Radebe, uCollins Mbesuma, noStanton Fredericks.
UKhanye, osengumhlaziyi webhola oqavile ngongayigudli indlu, uzakhele igazi elibi ngendlela abegxeka ngayo iqembu lakhe lakudala.
Nokho usawabonga amathuba iChiefs emvulele wona empilweni yakhe.
“Anginagqubu neze. IChiefs ifana nekhaya lami lesibili, futhi anginakho okubi enginakho neqembu,” kusho uKhanye kwiSunday World.
“Banginika ithuba lokudlala lo mdlalo nokuzakhela igama, futhi ngiyohlale ngibonga ngalokho.”
UKhanye udalule ukuthi ukuba matasa kwakhe nezinhlelo ezahlukene kungase kube yisizathu sokushiywa kwakhe kuleli qembu.
Njengamanje ugxile emabhizinisini akhe okuhlanganisa nohlelo lwakhe lwethelevishini, iJunior Khanye: Fixing the Game, oluqala ukukhonjiswa kuDStv channel 163 ngeSonto ebusuku.
Ngaphezu kwalokho uphezu kwezinhlelo zokwethula iPodcast yakhe, ethi, “Junior Khanye, Khohlwa”.
UKhanye uthi usavuleleke ekujoyineni iqembu lezinkakha zeChiefs uma bengamthinta bethi akeze.
“Uma iChiefs ingithinta, ngizokwamukela futhi ngidlalele iqembu leziinkakha.
“Ibhola lisegazini kimi. Ngiziqeqesha njalo futhi ngiphila ibhola. Ngeke nginqabe kwiChiefs,” usho kanje.
UKhanye ukugcizelele ukuthi ukuhlaziya kwakhe kusuke kuwumbono wakhe oyiqiniso hhayi ukuziphindiselela noma ukugxeka iChiefs.
“Ngenza umsebenzi wami futhi ngikhuluma iqiniso njengoba linjalo ekuhlaziyeni kwami.
“Ngivele ngikhulume engikucabangayo, futhi angesabi ukusho engikucabangayo noma engikubonayo. Akukho okubi phakathi kwami neqembu.”
OLUNYE UDABA: Umanqika uKhune ngesikhundla anunuselwa ngaso kwiChiefs
Liboshelwe kanje iqembu lezinkakha zeChiefs:
Onozinti: Brian Baloyi, Tladi Mathibe
Izitobha: Cyril Nzama, Bevin Fransman, Morgan Gould, Tsepo Masilela, Derrick Spencer, Fabian McCarthy
Abadlali basesiswini: Siphiwe Tshabalala, Reneilwe Letsholonyane, Willard Katsande, Josta Dladla, Thuso Phala, Mandla Masango, Jabu Mahlangu, Stanton Fredericks
Abagadli: David Radebe, Colins Mbesuma, Bernard Parker
Umqeqeshi: Thabo Mooki