Afcon 2024Ezintsha

Zinyukile izimendlela kuRamoreboli eBotswana

UMorena Ramoreboli, ongumqeqeshi osemncane wakuleli, useqashwe njengomqeqeshi weqembu lesizwe eBotswana, iZebras. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-43, uqokwe ngokusemthethweni kulo msebenzi ngoLwesithathu kodwa okwamanje usazoba yibamba lo mqeqemshi. 

Ukuqashwa kwakhe kulandela ukushiya isigubhukane kukaDidier Gomes Da Rosa obecija iZebras ngempelasonto.

URamoreboli uqashwa kulo msebenzi nje ayaziwa futhi ayahlonishwa amava akhe ebholeni laseBotswana njengoba esenqobe iligi yakhona kulandelana neJwaneng Galaxy.

Leli qembu uliphakamise kakhulu njengoba nakwiCaf Champions League belifike lenze kahle.

Ngesizini edlule laze labhajwa emzuliswaneni womkhumulajezi kulandela ukuthi lishiye kukhalwa e-Orlando Stadium.

Lashaya izinkunzi zakuleli, i-Orlando Pirates emzuliswaneni wokuhlunga wale ndebe, kodwa kulokhu iBucs imgobe inkani. 

Esitatimendeni sokuqinisekisa ukuqashwa kukaRamoreboli, inhlangano eyengamele ibhola eBotswana ithe lesi yisinqumo sokuqinisekisa uzinzo. 

Ithe ukushiya isigubhukane kukaRosa kushiye imibuzo nokungabaza ngokwenzeka eqenjini lesizwe ngakho bebedinga umuntu oseduze. 

Mhlawumbe yinhlanhla kaRamoreboli lena yokuthi ayocija iqembu kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ngoDisemba.

Phela iBotswana ishoda ngokunqoba kanye emidlalweni emibili eyisalele kweyokukuhlunga ukuze ingene kwi-Afcon. 

Izobhekana neMauritania ekhaya, bese iyivala nge-Egypt ekuhambeni ukuze iqinisekise indawo yayo eMorocco.