EzintshaKaizer Chiefs

UMosimane uncoma ‘ikhono elikhethekile’ loweChiefs

UPitso Mosimane, owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, ubongele iKaizer Chiefs ngokuhlomula ngegolide lomdlali kuGaston Sirino. 

Lo mdlali oneminyaka engu-33 odabuka e-Uruguay ujoyine iChiefs ngemuva kokulaxazwa yiSundowns abesehlale kuyo amasizini ayisithupha. 

UMosimane uyena owayelande uSirino ngesikhathi esacija iSundowns. Waphinde wazama ukumlanda nanoma esekwi-Al Ahly e-Egypt.

Nokho iSundowns yanqaba naye ngaleso sikhathi, yathi unenkontileka nayo futhi isamdinga kakhulu lo mdlali yize naye ayekhombisa ukuthi ufisa ukulandela uMosimane. 

Selokhu efike kwiChiefs, uSirino ukhombisa ukuba ngumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu futhi usenamagoli amabili emidlalweni emine. 

UMosimane ungene ezinkundleni zokuxhumana, wancoma lo mdlali ngokuvuselela kwakhe ibhola lakhe kuMakhosi.

“Ikhono lomuntu yinto yaphakade, unethalente elihle kakhulu,” kusho uMosimane. 

“Ngisho ejimini uyambona ukuthi wenza into ayithandayo futhi unemibono ngendlela okumele kwenziwe ngayo izinto.

“Ubuye ahluthukelwe yinhliziyo kodwa lokho kuyalawuleka, vele banjalo abadlali baseSouth America.

“Uyawashaya amagoli futhi uyabakhela nozakwabo amagoli, okuyinto ebaluleke kakhulu kumdlali ohlaselayo.” 

USirino, odlale engaluleme ngokugcwele ekulimaleni iChiefs ibhekene neSuperSport United ngempelasonto edlule, nguye ovule inkundla ngegoli lokuqala. 

IChiefs igcine iwunqobe ngo 4-0 lo mdlalo wecarling Knockout kanti uzobe ebhekiwe futhi uma lamaqembu esephinda koweligi khona ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.