
Izinkinga ziyamemana kwiRoyal AM engase ixoshwe kwiPSL
- Intatheli yeLISENETHINI
Ungafunga ukuthi kunomcimbi kwiRoyal AM njengoba izinkinga zingena zilakanyana kuleli qembu laseMgungundlovu elidlala kwiBetway Premiership.
IRoyal AM isanda kumiswa yiPSL ekudlalweni kwiDStv Diski Challenge ngenxa yokwehluleka wukuhlanganisa iqembu elizodlala kule ligi yabadlali abasakhuliswa.
Lokhu kungenxa yesigwebo esiphezu kwayo sokungasayini abadlali kulandela ukulahlwa yicala lokungakhokheli uSamir Nurkovic izimfanelo zakhe.
Manje sekuvela ukuthi kungenzeka leli qembu lixoshwe kwiPremier Soccer League (PSL) okuzosho ukuphela kwalo uma lehluleka wukukhokhela uNurkovic imali yakhe.
Phela lichithiwe yinkantolo exazulula amacala ezemidlalo, yathi isigwebo seFifa sifanele, kumele impela ikhokhe.
Umeluleki wezomthetho wePSL, uMichael Murphy, utshele iNewsroom Afrika kuleli sonto ukuthi leli qembu likaShauwn Mkhize lisemseni weFifa, futhi lingase lixoshwe kwiPSL uma iFifa iyalela lokho.
“Yindaba esezingeni leFifa leyo. Kunendlela yokulungisa lokho esetshenziswayo uma iqembu lihluleka ukukhokha,” kusho uMurphy.
“Luzodluliselwa esigungwini seFifa esiqondisa ubugwegwe ngokwemithetho yebhola.
“Sekuke kwenzeka phambilini emaqenjini aseNingizimu Afrika nawakwamanye amazwe emhlabeni.
“IFifa inganquma ukuthi iqembu lixoshwe ebholeni noma lithathelwe amaphuzu athile. Uma kwenzeka lokho, iPSL izolandela lowo myalelo.”
