Ezintsha

Ingwazi iveza imfihlo ngodaba lukaSirino noBen Youssef

Ingwazi yebhola laseNingizimu Afrika isiphawule ngodaba oludale umsindo lokuthi uKhalil Ben Youssef ufuna ukuphinde asebenze noGaston Sirino, yize ebengamdlalisi ngesikhathi bekwiKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi kuthiwa uyalele abaphathi beDurban City asanda kuqashwa kuyo ukuthi balande lo mdlali okhululwe yiChiefs.

Lezi zindaba ziphume ngempelasonto, zashiya abaningi bezibuza ukuthi kungani uBen Youssef esembona njengomdlali ongamsiza manje, kanti eNaturena wayengamethembi.

Le ngwazi, ekhulume neLisenethini ngaphansi kombandela wokungadalulwa kwegama layo, ithe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abaqeqeshi abahlali benegunya lokuzikhethela abadlali.

“Uma sithi kini asisebenzi ngoba kuthiwa asibalaleli abaphathi, niyaye nithi yingoba sihlulwa umsebenzi. 

“Kanti iqiniso lithi akuwona wonke amaqembu avumela umqeqeshi ukuthi azikhethele iqembu lakhe,” kusho le ngwazi.

Ithe udaba lukaSirino luyisibonelo esicacile sokuthi kwesinye isikhathi kuba nothile oqokela abaqeqeshi iqembu abazolisebenzisa.

“Lokhu kucacisa bha ukuthi wayengamudlalisa yena ngokwakhe,” kuchaza le ngwazi.

“Kodwa manje sekucacile ukuthi isikimu siboshelwa ndawondawo ngomuntu thizeni.”

Le ngwazi iphinde yathi lokhu kuyenzeka nakwamanye amakilabhu, yenza isibonelo nge-Orlando Pirates.

Uthe ukuqala kukaYanela Mbuthuma imidlalo ngaphambi kuka-Evidence Makgopa, ongumdlali weBafana Bafana.

“Yikho kwiPirates ubona kuqala uMbuthuma, kuhlale ngaphandle uMakgopa odlala kwiBafana Bafana,” kuphetha le ngwazi.

Khonamanjalo, u-Gaston Sirino kulindeleke ajoyine uKhalil Ben Youssef kwiDurban City kulo leli sonto eliqalayo uma sekuphothulwe izingxoxo.