
Kuphendulwa eyamahlebezi akhomba uMofokeng e-Israel
I-Orlando Pirates isisheshe yaziqhelelanisa namahlebezi asesabalele ngesihlabani sayo uRelebohile Mofokeng.
Imibiko yakamuva iphakamise ukuthi uRele Mofokeng ufunwa uthuli amaqembu amabili ase-Israel iMaccabi Haifa neMaccabi Tel Aviv.
Isikhungo sezindaba zezemidlalo e-Israel iSport5 sibike ukuthi iMaccabi Haifa ikhombise intshisekelo kulo mdlali weBafana Bafana oneminyaka engu-20 ubudala.
Umbiko uqhube wathi iPirates ibeke isamba sika-R31.2 million okumele sikhokhwe yinoma yiliphi iqemu elifuna lo mdlali wayo.
IMaccabi Tel Aviv nayo kuthiwe izibhekile kulo mdlali onekhono elimangalisayo nokubhekwe aye kude ngebhola lakhe.
Nokho iSoccer Laduma isibika ukuthi abangaphakathi kwiPirates bayichithile le mibiko ngokuthi ayinasisekelo futhi iyaphazamisa.
“Lezi zindaba seziqalile ukuphazamisa. Iqembu alazi lutho ngalokhu okubikwayo,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Angazi lutho nganoma yiziphi izingxoxo ezikhona mayelana nokudayiswa kwakhe.”
Lezi ziqhwaga zaseSoweto kuthiwa zikhungathekile ngenxa yomsindo oqhubekayo ngokufunwa kwabadlali bazo.
Zikholwa wukuthi kuhloswe ngayo ukuphazamisa omunye wabadlali bazo othembisayo.
Izikhulu zePirates kubikwa ukuthi zimile kwelokuthi akukho ukuxhumana okusemthethweni noma izingxoxo ezike zaba khona mayelana nekusasa likaRele Mofokeng.
Abangaphakathi ekilabhini baphinde bagcizelela ukuthi noma yiziphi izimemezelo ngabadlali zizokwenziwa ngezindlela ezifanele.
“Izimemezelo zabadlali zizokwenziwa yiqembu lisebenzisa izindlela ezifanele,” kwengeza umthombo.
URele Mofokeng, oseke wamataniswa neBarcelona phambilini, usenenkontileka nePirates.
- JOYINA | SineGroup kaWhatsApp, cofa la
Futhi ikilabhu ibonakala izimisele ukusingatha nanoma yiziphi izindaba zokudayiswa kwakhe buthule nangobuhlakani.
