EzintshaFifa Club World Cup

Kumshubele uRiveiro i-Al Ahly ithola induku

Lokhu bekungenxa yesimo sezulu esingesihle njengoba beliduma futhi lisabisa ngombani omubi. 

Umdlalo umiswe ngomzuzu ka-62, abalandeli banxuswa ukuthi baphume enkundleni bayofuna indawo yokukhosela.

Abadlali nabo bayalelwe ukuthi babuyele ezindlini zabo zokushintshela njengendlela yokuzivikela.

Amaphuzu avelele kulo mdlalo kube yilawa:

  • Umzuzu ka-39: URaphael Veiga wePalmeiras ukhishwe ngekhadi elibomvu, kodwa leli khadi labuye lahoxiswa ngemuva kokuhlolwa kwesigameko nge-VAR.
  • Umzuzu ka-49: UWessam Abou Ali ushaye igoli elibe umkhonto odla ekhaya elibeke iPalmeiras phambili.
  • Umzuzu ka-59, uFlaco López waphinda wengeze igoli lesibili elenze kwaba ngu 2-0, kwaqansa kakhulu kwi-Al Ahly.

Ukubambezeleka komdlalo kuthathe cishe imizuzu ebalelwa kwengu-48 ngaphambi kokuthi umdlalo ubuyele enkundleni.

Lokhu kuphazamiseka kuphawula ukuphazamiseka kwesibili kwemidlalo ngenxa yesimo sezulu esingesihle kulo mqhudelwano.

Umdlalo weMamelodi Sundowns ne-Ulsan HD noweRB Salzburg nePhacuta nayo ibambezelekile ngenxa yesimo sezulu esingesihle.

Ngemuva kwekhefu elide, ukubusa kwezaseBrazil kuqhubekile njengoba iPalmeiras igcine ukulawula kwayo ibhola ebikwenza ngaphambi kokuphazamiseka.

Khonamanjalo i-Al Ahly ithwale kanzima ukwakha amathuba acacile — futhi yagcina ihlulwe ngendlela embi.

Amathuba ayo manje okungena esigabeni somkhumulajezi asemancane kakhulu.

Nengcindezi kumqeqeshi omusha uJose Riveiro nayo izokhula njengoba ezinye zezingwazi zeqembu sezivele zike zazwakalisa ukungeneliseki ngokuqokwa kwakhe.