
Izogcweka nezinkunzi zase-Europe iKaizer Chiefs
IKaizer Chiefs izodlala umdlalo omkhulu wobungani ohambweni lwayo lwaseNetherlands lapho iyolungiselela khona isizini ezayo.
Amakhosi azobhekana neqembu leDutch Eredivisie iFC Utrecht emdlalweni wokuzwana amandla ohambweni lwawo lwangaphambi kwesizini eNetherlands.
Leli qembu laseSoweto phambilini belikuqinisekisile ukuthi ikhempu yalo lokuzilolongela isizini izoba kusukela ngoJulayi 3 kuya ku-19.
Kodwa alizange lidalule noma yimuphi umdlalo noma eminye imininingwane ehlobene nalolu hambo.
I-Utrecht, nokho, iwudalule ngokusemthethweni lo mdlalo kuwebhusayithi yayo ngoLwesine.
“Imbangi yethu elandelayo sizobhekana nayo ngoJulayi 11,” kubhala i-Utrecht kuwebhusayithi.
“Iqembu elidume kakhulu eNingizimu Afrika yilona elizoba yimbangi yethu: iKaizer Chiefs.”
Lo mdlalo nokho, ngokusho kwaleli qembu laseNetherlands, uzodlalwa kungena balandeli njengoba kungowokuzilungiselela isizini entsha.
IKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi ibuyele ekuzilolongeni kokulungiselela isizni ngoLwesihlanu, ngokubika kwe-iDiski Times.
Nokho kulindeleke ukuthi abanye abadlali abambalwa babuyele eqenjini kusukela ngoMsombuluko.
FUNDA NALA | URamović uzifake zaphelela kuMokwena eqhuba ‘impi’
Ukukhiphana inkani ne-Utrecht kuyingxenye yamalungiselelo Amakhosi esizini ka-2025/26 yeBetway Premiership.
Amakhosi asemzamweni yokuqhubeka nokwakha kabusha ngaphansi kobuholi obusha futhi ahlole iqembu layo ngesikhathi sekhempiu yaseYurophu.
- JOYINA | SineGroup kaWhatsApp, cofa la
Kulindeleke ukuthi imemezele abadlali bayo abasha neqembu eligcwele langesizini ezayo ngaphambi kokuthi ihambe.
