EzintshaKaizer Chiefs

‘Uqome’ iChiefs owodumo kwiGallants obefunwa eTanzania 

Kuvela ukuthi iKaizer Chiefs isisomdele ekuqedeni ukusayina umdlali wasesiswini ozakhele igama kwiMarumo Gallants ngesizini edlule.

Ngokuthola kweLisenethini, sekusele kancane aMakhosi aqedele ukusayina u-Ibrahim Bancé ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala usanda kuphelelwa yinkontileka kwiMarumo Gallants.

Lokhu kusho ukuthi usengumdlali okhululekile futhi angajoyina noma yiliphi iqembu ngaphandle mahhala.

Kubikwa ukuthi sekusele ukuvumelana ngemibandela yomuntu siqu ngaphambi kokuba asayine inkontileka yakhe ne-Kaizer Chiefs.

UBancé ubengomunye wabadlali ababefunwa kakhulu emakethe kulandela ukusebenza kahle kwakhe ngesizini edlule.

Iqembu laseTanzania, iSimba SC, nalo lizamile ukuthola lo mdlali ngokuxhumana nabaphathi bakhe.

Nokho, lo mdlali uveze ukuthi okwamanje akanasifiso sokushiya eNingizimu Afriks ayodlala e-East Africa.

Lokho sekunike iChiefs ithuba elihle lokuqedela lesi sivumelwano ukuze iqinise esiswini sayo njengoba kuvele ukuthi uThabo Cele akasekho ezinhlelweni zayo.

Uma konke kuhamba ngendlela, uBancé uzoba ngomunye wabasayiniswe yi-Kaizer Chiefs ngaphambi kwesizini entsha.

Leli qembu liyaqhubeka nokwakha isikwati esizokwazi ukulwela izindebe kule sizini ezayo ngaphansi kukaFernando Da Cruz.