Ezintsha

URamović uzifake zaphelela kuMokwena eqhuba ‘impi’ 

Ucashunwe ephendula okuthiwa kushiwo uMokwena ngaye muva nje, akangazibamba, wazifaka zaphelela. 

Ukushuba kwesimo phakathi kwalaba baqeqeshi kusukela ngesikhathi besebenza kwiPremier Soccer League.

URulani Mokwena ubekwiSundowns, uSead Ramović ekwiTS Galaxy ngesikhathi lempi yabo iqala.

Umbango wabo, owakhelwe kumafilosofi ahlukene, uvame ukuba yindabamlonyeni — futhi lesi siqephu sakamuva asihlukile.

USead Ramović usekwiCR Belouizdad e-Algeria manje kanti uRulani Mokwena uena usanda kushiya kwiWydad Athletic yaseMorocco.

“Ake sikhulume iqiniso, futhi sikhulume ngokwethembeka,” uRamović ucashunwe esho kanje. 

“Kwesinye isikhathi, kufanele ubaphendule labo abangakubonisi inhlonipho.”

Uhlekise ngohambo lokuqeqesha lukaMokwena — kusukela edonsa kanzima kwi-Orlando Pirates, waze wafika kwiChippa United wahlala isikhashana.

Uthi ekugcine wasizwa uPitso Mosimane owamlanda wazomenza iphini lakhe kwiMamelodi Sundowns.

“Wayebolekiswe njengomdlali. Ubaniowake wabolekisa ngomqeqeshi?” kusho uRamović ebhuqa.

Ngokubhuqa okubuhlungu, uSead Ramović usole uRulani Mokwena ngokugxila kakhulu ekukhulumeni kunamaqhinga.

“Wakha iqembu ngemizwa nezaba, hhayi ngohlaka lokudlala,” kuqhuba yena. 

“Akasebenzisi i-4-3-3 noma i-4-2-3-1. Usebenzisa imizwa emine, ukuthanda ukunakwa okune, nezaba ezimbili.”

Uphinde wagxeka izindlela zokuqeqesha zikMokwena, ekhuluma ngokulimala njalo kwabadlali abadlali ngaphansi kwakhe.

Uhlekise nangokuthembela kwakhe ekuseenziseni amagama avusa umunyu.

URamović, owaziwa ngolimi lwakhe olubukhali, uqede le nkulumo yakhe ngokudedela udalimede wokugcina.

“Ngenkathi yena egxile ekuqaleni izigemegeme… Mina ngizoqhubeka nokwakha amaqembu — hhayi ukuthanda ukubukwa.”