EzintshaMTN8

Imibuzo uFohloza engekho ebhentshini leDowns

  • Intatheli yeLISENETHINI

UFohloza ujoyine ithimba labaqeqeshi leSundowns ngenyanga edlule ngemuva kokulandwa umqeqeshi uManqoba Mngqithi.

Ufike wabamba ifosholo, washaya umsebenzi njengoba nabadlali beshilo ukuthi ubamangazile ngolwazi analo. 

“Kuyinto ehlukile (ukuba noFolz kwiSundows) njengomqeqeshi osemncane ufika nje iningi lethu alikaze lisebenze naye phambilini.

“Kuthe efika nje wavele wahamba phambili ngomsebenzi, okuyinto esimangazile ngokuzethemba kwakhe,” kusho uMosa Lebusa kuleli sonto.

“Kuthe ngokuhamba kwesikhathi samqonda ukuthi ungumuntu onjani, ungumuntu ovulelekile futhi lokho ngicabanga ukuthi kuzolisiza kakhulu iqembu.” 

Njengoba iSundowns idlala umdlalo wayo wokuqala, la ibhekene khona nePolokwane City kwiMTN8, uFolz akekho ebhentshini. 

NguWendell Robson ofakwe njengephini lomqeqeshi ohlwini lweSundowns.

Kuvela ukuthi into eyenza angabi bikho uFolz wukuthi incwadi yemvume yokusebenza kuleli ayikafiki. 

Nokho yena ukhona enkundleni futhi uyaxhumana nozakwabo ngohlelo lobuchwepheshe.