Bafana BafanaEzintsha

ISafa isimtholile ozohola iBafana Bafana kwiCosafa Cup

ISafa ibibhekane nenkinga njengoba ibingenaye umqeqeshi ozohola iBafana Bafana kulo mqhudelwano waminyaka yonke.

Kodwa manje seyiqoke uVela Khumalo njengomqeqeshi ozocija iqembu lesizwe kulo mqhudelwano ozoba seBloemfontein.

Lokhu kuqokwa kukaKhumalo kuza njengoba umqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos engatholakali.

UBroos ugxile emidlalweni emibili yobungani neTanzania neMozambique ngoJuni. 

Inkontileka yakhe iyamthethelela ekuphatheni iBafana Bafana kwi-Cosafa Cup nakwiChan.

Ugxile ekulungiseleleni imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026 ne-Africa Cup of Nations ezoba ngoDisemba.

UKhumalo, ongumqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 17, ungumqeqeshi onamava. 

Usanda kuhola iqembu lika-Under 17, walifaka eNdebeni yoMhlaba yeFifa ka-Under 17 ezoba ngasekupheleni kwalo nyaka. 

Esitatimendeni esikhishwe yiSafa, kuqinisekisiwe ukuthi uReneilwe Letsholonyane uzosebenza njengephini likaKhumalo.

Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs neBafana phambilini, uMolefi Ntseki uzosebenza njengomeluleki wethimba labaqeqeshi kulo mqhudelwano.

ICosafa Cup izosingathwa eBloemfontein kusukela ngoJuni 4 kuya ku–15. 

INingizimu Afrika iqhathwe kuGroup A nompetha abavikela le ndebe iMozambique, iZimbabwe neMauritius.

Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe uKhumalo uzwakalise ukuziqhenya nokuzimisela. 

“Sidlala ekhaya, eBloemfontein, futhi ngeke sikwazi ukuyekethisa iqembu,” kusho yena.

“Leli elinye iqembu leBafana Bafana, futhi ngiyajabula kakhulu. Sifuna ukuyinqoba iCosafa Cup.”

UKhumalo uphinde waveza ukuthi useke wayinqoba le ndebe phambilini ngesikhathi eyiphini. 

“Ngikhumbula ngesikhathi siyinqoba nomqeqeshi uMorena Ramoreboli ngo-2021. 

“Manje sengizihola iqembu ngedwa. Ngikholwa wukuthi yisikhathi esifanele sokuthi siziveze futhi sikhombise ubungqwele beNingizimu Afrika. 

“Sisemgqigweni omuhle njengezwe futhi sisesimweni esihle kakhulu njengamanje.”

UKhumalo uhole iKaizer Chiefs yanqoba isicoco seDStv Diski Challenge kule sizini.