EzintshaOrlando Pirates

Sekungene iCV yomqeqeshi ohlonishwayo kwiPirates

Leli qembu laseSoweto lithungatha umqeqeshi walo olandelayo kulandela ukushiya kukaJose Riveiro osekwi-Al Ahly aya nayo kwiFifa Club World Cup. 

I-Orlando Pirates ayikakuqinisekisi ukuthi isnaye umqeqeshi olandelayo, nokwenza kube nesasasa elingapheli ngokuthi izogcina iwunike bani lo msebenzi. 

Elinye lamagama aphezulu kwabamataniswa nalo msebenzi ngumqeqeshi ohlonishwayo waseGermany uMarco Rose.

Kodwa imibiko iveza ukuthi izimfuno zakhe zamaholo nemihlomulo ephezulu kungase kwenze kuba nzima ukuthola lo mqeqeshi oseke wacija iRB Liepzig kwiBundesliga. 

Khonamanjalo, uFlorent Ibenge, ongumqeqeshi ohlonishwayo waseDR Congo, kubikwa ukuthi naye useyifakile iCV yakhe.  

U-Ibenge, obecija iqembu laseSudan i-Al Hilal ngesizini edlule, akakasayini inkontileka entsha kulo kanti kuthiwa ufuna inselelo entsha. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-63 ubudala kudala ezwakalisa intshisekelo yokuqeqesha kwiBetway Premiership, okwenza iPirates ibe yithuba elihle kuye. 

Kodwa-ke, okwamanje akukho osekuqinisekisiwe ukuthi kuyaxoxwa phakathi kwakhe naleli qembu.  

I-Orlando Pirates ilusebenza ngokucophelela udaba lokuqashwa komqeqeshi wayo olandelayo.

Kumagama aseke avela kwamataniswa nalo msebenzi kukhona elikaManqoba Mngqithi, elikaPitso Mosimane, elikaRulani Mokwena, nelikaBenni McCarthy. 

Iqembu kulindeleke ukuthi lenze isimemezelo maduze, njengoba lilungiselela isizini ezayo.  

Abalandeli basilindele ngabomvu lesi sinqumo, njengoba bebheke ukuthola ukuthi ubani ozoqhuba umsebenzi oshiywe uRiveiro.

Noma ngabe ubani umqeqeshi ozonikwa lo msebenzi, iyodwa into okuzomele ayazi – amehlo azobe ethe njo kuye.

Phela uRoveiro wenze ezibukwayo kulo msebenzi, wanqoba izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu, waphinde wenza iPirates yadlala ibhola elihehayo.