Ezintsha

Ividiyo yocansi esulise umqeqeshi weSekhukhune

  • Intatheli yeLISENETHINI

UHyaballa, ojoyine leli qembu laseLimpopo ngoJuni, usule ngeSonto ngemuva komdlalo wezakhe neCape Town City.

ISekhukhune iguqiswe ngo 1-0 kulo mdlalo weMTN8 obusePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Manje iSunday World ibika ukuthi kuqhamuke abathile eqenjini befuna ukuvalwa umlomo ngekhokhelo ukuze bengavezeli umphakathi amahlazo alo mqeqeshi.

Nokho kuthe uma ebuzwa ngalokhu, lo mqeqeshi wadaza inkani wathi uzoshiya uma kuwukuthi lesi senzo sihlaza iqembu.

Le vidiyo kuthiwa iqoshwe kwenye indawo okusebenza kuyo osisi abadayisa ngomzimba eGoli. 

Ngokwalo mbiko, uyabonakala lo mqeqeshi ezitika nowesifazane omnyama. 

“Kuvela ukuthi kungenzeka ukuthi ucasule omunye walaba besifazane obe esemshutha ngenhloso yokufuna ngaye imali eqenjini,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

Ube esethumela le vidiyo kubaphathi beqembu, wasabisa ngokuthi uzoyifaka ezinkundleni zokuxhumana uma bengakhokhi imali ayifunayo.

Akucaci ke nokho ukuthi ubefuna malini, kodwa babeke nosuku abafuna ikhokhwe ngalo le mali ukuze bavale umlomo. 

Nokho ngemuva kokuxhumana nabammeli, abaphathi kuthiwa batshelwe ukuthi bangayikhokhi le mali ngoba kuzobe baphula umthetho kwabona. 

“Umqeqeshi waqala waphika ukuthi nguye lo okulevidiyo, waze wacela ukuyibona ngokwakhe.

“Kulapho ke abe esevuma khona ukuthi nebala nguyena lo okuyona, wabe esethembisa ukuthi uzosula emsebenzini.”